
Uqokelwe kwelesizwe okhuhla ibhentshi kwiKaizer Chiefs
Unozinti weKaizer Chiefs, uFiacre Ntwari, useyinsika ebalulekile eqenjini lesizwe laseRwanda, naphezu kokukhungatheka kwakhe okukhulayo eNaturena.
NgoMsombuluko, umqeqeshi waMavubi uStephen Constantine uqoke lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala eqenjini lakhe lesikhashana.
Kuleli qembu uzobe eseqoka abadlali abangu-32 azodlala ngabo imidlalo yokuzizwa amandla ekhefini leFifa lamazwe ngamazwe.
UFiacre Ntwari ungomunye wonozinti abane abaqokelwe kuleli qembu laseRwanda, okuwuphawu oluqinile lokwethenjwa.
ISIMO SAKHE ENATURENA
Ukuqokwa kwakhe kubamangazile abanye, uma kubhekwa ukweqiwa kwakhe yijezi kwiKaizer Chiefs.
Selokhu kuqale le sizini, uNtwari ulizwa ngendaba ijezi futhi kubukeka kusekude ukushintsha lokho.
Abaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef bebelokhu bencamela uBrandon Petersen ukuqala imidlalo.
Futhi njengoba uPetersen engekho kulezi zinsuku, kubuyele uBruce Bvuma epalini, bese kuthi ebhentshini kube khona uTakalani Mazhamba.
Lokhu kuphushele uNtwari endaweni yesine konozinti abakhona njengamanje kwiKaizer Chiefs.
Yize ebe yiqhawe leRwanda ngesikhathi somkhankaso wabo wakamuva wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, akakadlali nowodwa umdlalo kuMakhosi kule sizini.
UKWETHENJWA NGAKUBO
KuStephen Constantine, ikhwalithi kaFiacre Ntwari ingaphezulu kokweqiwa kwakhe yijezi ekilabhini yakhe.
UNtwari uzohamba ayojoyina Amavubi ngesonto elizayo. Kulo mdlali, leli thuba lizoba yiwindi elibalulekile kuye.
Njengoba ikusasa lakhe kwiKaizer Chiefs libukeka lifiphele, ukwenza kahle esigabeni sezwekazi kungamvulela amathuba kwamanye amakilabhu.
FUNDA NALA | Limlahlile uMokwena elokushushumbisa imali
Njengoba umbango wejezi eNaturena uphakathi kukaPetersen noBvuma, ukuqokwa kukaNtwari kwelesizwe kuyisikhumbuzo sekhono lakhe.
