
U-Olisa Ndah ugonyulula ngosizi lokulimala
Njalo uma esengene emgqigweni futhi esedlala kahle kwi-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah uvele alimale.
Lokhu kulimala sekumphazamise kakhulu lo mdlali wasemuva onekhono elihle nodle ngokungatatazeli okumenza isitobha esiyingqayizivele.
U-Olisa Ndah, odabuka eNigeria, udlale imidlalo embalwa kule sizini ngaphambi kokuthi alimale njengoba namanje engadlali ngenxa yakho.
Bekungekhona okokuqala elimala njengoba selokhu afika kwiPirates ayipheli isizini engazange alimale kabi.
Lokhu kulimala sekumkhiphe naseqenjini lesizwe laseNigeria, iSuper Eagles abeseqala ukuba ngumdlali ojwayelekile kulo.
Walimala iPirates ibhekene nePolokwane City. Kuthe eseluleme, waphinda wathinteka ejimini.
Kumanje akubonakali esazodlala kule sizini njengoba sekusele imidlalo embalwa iphothulwe.
Ekhuluma neLisenethini ngoLwesihlanu, uNdah ugonyuluke ngobuhlungu adlule kubo genxa yalokhu kuphazamiseka kwakhe.
“Kubuhlungu kakhulu ngoba kungincisha ithuba lokwenza into engiyithandayo – ukudlala ibhola,” kusho uNdah.
Uthe yize ebeseka ozakwabo futhi ebancoma ngokwenza umsebenzi omuhle kule sizini, kubuhlungu kuye ukubukela kude.
Ngaphambi kokulimala, bese kuke kwavela namahlebezi okuthi kunamaqembu aphesheya ambeke iso u-Olisa Ndah ngenhloso yokumlanda.
“Ukulimala kuphazamisa yonke into. Kuyinto ebuhlungu kunazo zonke engenzeka kumdlali onezifiso ezinkulu,” kusho yena.
Njengoba engadlali, kusho ukuthi yena ngeke aphinde adlale ngaphansi kukaJose Riveiro aveze ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abamkhulise kakhulu.
Uzobe engekho enkundleni uma iPirates seyibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Kodwa uthi uyabethemba ozakwabo. Uthi bavumelene ngokuthi le ndebe kumele bayinqobe ukuhlonipha ngayo uRiveiro ozoshiya kuleli qembu ngenyanga ezayo.
