
Isasasa kuvela ezokuvuka kweBloemfontein Celtic
Izindaba zokuthi kungase kubuye i-Bloemfontein Celtic ebholeni elikhokhelayo ngesizini ezayo zilethe injabulo kubalandeli bebhola kuleli.
Kuvela ukuthi kunezinhlelo ezisezingeni eliphezulu zokubuyisa le kilabhu enabalandeli abaningi abadume ngokuzishayela ingoma kube mnandi enkundleni uma kudlala iqembu labo.
Ngokwemibiko, ukubuya kwe-Bloemfontein Celtic kusho ukuphela kweSuperSport United njengoba kuvela ukuthi le kilabhu isidayisiwe.
Ithimba losomabhizinisi elizinze eFree State lifuna ukuvuselela i-Bloemfontein Celtic kanti kuthiwa lithole ukwesekwa okukhulu ngungqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie.
Loku daba luqale ukuve ngeeSoccerBeat ebhale ku-X ukuthi isivumelwano sokudayiselana sesisayiniwe futhi sekushoda kufakwe imali.
Yengeze ngokuthi iyalazi ithimba lezomthetho eliphethe lolu daba lokudayiselana nemininingwane yakhona egcwele.
Ngokusho kwayo, leli thimba losomabhizinisi lihlela ukuthuthela iSuperSport United eBloemfontein uma sekuqediwe ukudayiselana.
Uma kuyiqiniso, lokhu kungaphawula ukubuya kweSiwelele ebholeni elikhokhelayo kuleli.
I-Bloemfontein Celtic idayiselwe iRoyal AM ngo-2021. Kusukela lapho, iRoyal AM ixoshiwe ku-PSL.
Usihlalo weSuperSport United uKhulu Sibiya nesikhulu sezindaba uBrian Moshoeshoe abatholakalanga ukuphawula.
Isikhulu esiphezulu seSuperSport uStan Matthews sona sicashe ngesithupha uma sibuzwa ngalolu daba.
UMathews uthe awaqali lamahlebezi futhi bona njengamanje bagxile ekutheni basindise iqembu ezembeni.
ISuperSport iqale isizini kabi yaze yaxosha uGavin Hunt. U-Andre Arendse, owayengunozinti weBafana Bafana, nguye ongumqeqeshi wesikhashana njengamanje.
Iqembu lihlezi endaweni ka-13 kwilogi yeBetway Premiership. Kusele imidlalo emine ebalulekile ukuthi leli qembu laseTshwane ligweme ukudliwa yizembe.
