
ICity ixoshe owakhuliswa yiBucs, abaduma kwiBafana bayalandela
Njengoba ibhekene nempi yokuvika izembe, iCape Town City seyiqalile ukukhuculula ngokudedela abadlali ebabona bengeke bayisize ngalutho kule mpi.
Kuvela ukuthi leli qembu laseKapa lilungiselela ukukhomba indlela omakadebona basesiswini uThulani Serero noKamohelo Mokotjo.
Bobabili laba badlali bazakhele igama phesheya kwezilwandle nakwiBafana Bafana phambilini kodwa bashaya udaka kwiCape Town City.
UMokotjo ujoyine iCity ekuqaleni kwesizini esuka kwiSekhukhune United. USerero yena ubuyele ebholeni laseNingizimu Afrika ngoFebhuwari ngemuva kweminyaka engu-10 ephesheya.
Nokho bobabili abadlali abanawo umthelela obonakalayo abanawo eqenjini. UMokotjo usedlale imidlalo engu-19 kule sizini.
Uqale imidlalo engu-13 eyisithupha wayidlala esuka ebhentshini, kanti uSerero usedlale imidlalo emihlanu kuphela, uqale owodwa kuphela bebhekene neKaizer Chiefs.
I-FARPost ibika ukuthi le kilabhu isivele iziqalile izingxoxo zokukhululwa kukaMokotjo, osayine inkontileka yeminyaka emibili.
Uma izinhlangothi zombili zivumelana, angahamba ngaphambi kokuphela kwesizini.
Inkontileka kaSerero yona ivele iphela ngoJuni 2025 bese iba nelungelo lokuthi ikilabhu yelule uma ifisa.
Kodwa ikilabhu kubikwa ukuthi izimisele ukumkhokhela umholo walezi zinyanga ezimbii ezisele kule sizini bese imkhulula khona maje.
Njengamanje iCape Town City ihlezi endaweni ka-15 kwilogi yeBetway Premiership njengoba inqobe imidlalo eyisithupha kuphela isizini yonke yahlulwa kwengu-15.
Ukungenzi kahle kwayo kuyibeke endaweni la ilokhu icifelana khona iso yizembe yize iqale isizini ngokusayina abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu futhi abanamava.
Khonamanjalo, owayengunozinti we-Orlando Pirates u-Ayanda Elson Sithole yena usevele ulishiyile leli qembu.
Lo nozinti oneminyaka engu-24 ubudala, ofike kwiCitizens esuka kwiMagesi FC, uhlulekile ukungena eqenjini eliqala imidlalo kanti usekhululiwe.
