
Ishwa kwiKaizer Chiefs kulimala omunye wabadlali abasha
Omunye wabadlali abasha beKaizer Chiefs kungenzeka aphuthelwe wuhambo oluya eNetherlands lapho iqembu lizozilungiselela khona isizini entsha.
Amakhosi kulindeleke ukuthi aphume ngendiza ngoLwesihlanu ekuseni kanti imibiko iveza ukuthi uPaseka Mako ngeke esaba yingxenye yalolu hambo.
Lokhu, ngokusho kwe-Unplayable, kungenxa yokuthi uphuke ingalo ngesikhathi iqembu lizicija eNaturalena.
“Ukulimala kwakhe kwenzeke ngesikhathi eziqeqesha,” umthombo ucashunwe usho kanje.
Imininingwane yokulimala kwakhe ayikacaci okwamanje kodwa ikilabhu kulindeleke icacise ngakho uma seyimethula nabanye abadlali abane.
UMako – ojoyine iKaizer Chiefs esuka kwimbangi yayo enkulu i-Orlando Pirates ekanye noThabiso monyane – usazokwethulwa ngokusemthethweni eNaturena.
IKaizer Chiefs nokho yethule abadlali abathathu abasha kuleli sonto futhi yave seyithembisa abalandeli bayo ukuthi kusenabanye abahlanu abezayo.
Kulaba abahlanu uMako noMonyane kukholakala ukuthi bangababili babo kodwa iqembu lizobaqinisekisa ngokuhamba kwesikhathi.
Ukulimala kukaMako kungase kube nomthelela ezinhlelweni zomqeqeshi uNasreddine Nabi.
Ukungahambi kwakhe neqembu kungase kusho ukuthi uzophuthelwe yizinhlelo ezibalulekile zeqembu ezozenza ngesikhathi ikulolu hambo kwayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi isekhempini yokulungiselela isizini eTurkey ngonyaka odlule, iChiefs yalinyalelwa abadlali ababili.
Bobabili o-Edmilson Dove noBongani Sam babuya bekhonke imilenze kanti bahlale isikhathi eside bengadlali ngemuva kwalokho.
Empeleni nje uSam yena kuze kwaphela isizini engakaze adlale kuMakhosi njengoba sekunamahlebezi okuthi usekhonjwe indlela nje.
Okuphawulekayo ke wukuthi bobabili uDove noSam badlala indawo efanayo noMako lo naye oselimele kade elandelwe ukuqinisa kuyo.
Amakhosi amkhululile noDove futhi akuqinisekisile lokho ngasekupheleni kwenyanga edlule.
