
UPatrick Mayo uveze axwayise ngakho uKhanyisa ngeChiefs
Uyise kaKhanyisa Mayo, uPatrick useveze iseluleko asinike le ndodana yakhe njengoba seyiyodlala kwiKaizer Chiefs nje – ilandela ezinyathelweni zakhe.
UKhanyisa Mayo ujoyine iKaizer Chiefs emasontweni ambalwa edlule kanti abalandeli sebevele bakubheke ngabomvu ukumbona enkundleni.
Ubengazange adlale emdlalweni odlule weligi ngoba ikhadi lokubhaliswa kwakhe belingakalungi, ngokusho kobengumqeqeshi waleli qembu Nasreddine Nabi.
Nokho cishe uzolithola ithuba lokudlala uma iChiefs seyibhekene neMarumo Gallants ngoLwesithathu ntambama – umdlalo uqala ngo 5.30 ntambama.
Uyise utshele abeSoccer Beat ngokuthi umelulekile ukuthi kuzomele azisebenzele, angacabangi ukuthi uzophila ngegama elakhiwe nguye.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Ngimtshelile ukuthi kunjani ukudlalela iKaizer Chiefs. Akukho lula,” kusho uPatrick.
“Kuzomele asebenze – angasebenzi nje okujwayelekile – kuzomele azikhandle ngoba akukho lula ukudlalela ikilabhu efana neKaizer Chiefs.
“Useyazi ukuthi ngeke kube lula. Akumele acabange ukuthi uzozimelela ngokuthi unguMayo bese cabanga ukuthi kuzoba lula.
“Ayikho into ezoba lula kuomele asebenze, aqhubeke lapho ngashiya khona mina,” kuchaza uPatrick Mayo.
FUNDA NALA | UBroos uselikhiphile azoqoka kulo eleBafana
UKhanyisa ufike kwiChiefs ngokubolekiswa yiCR Belouizdad yaseTunisia la anenkontileka khona.
Uzohlala isizini yonke kwiChiefs, kanti izoba nethuba lokumsayina uma kuphela isizini uma kungukuthi yenelisekile ngaye.
