
AmaZulu ‘asemtholile’ ozovala esikaZwane uma ‘eshiya’
AmaZulu aseqalile izinhlelo zokulungiselela ukulahlekelwa ngumqeqeshi wawo owenza umsebenzi omuhle, u-Arthur Zwane.
Ngokuthola kweLisenethini, leli qembu selikulungele ukumdedela lo mqeqeshi uma kungukuthi uzimisele ukulishiya.
UZwane kuthiwa namanje usashelwa nguPitso Mosimane ofuna ukumfaka ethimbeni lakhe kwiBafana Bafana.
Kuke kwavela phambilini ukuthi uZwane ungomunye wabafunwa uMosimane kwiBafana kodwa Usuthu lwakuchitha lokho.
Nokho manje umthombo usivezela ukuthi abaphathi sebegcine bebonile ukuthi ngeke kubalungele ukuqubisa.
“Zikhona impela izinkulumo ezinjalo futhi abaphathi sebeqalile ukwenza amalungiselelo okuval isikhala sakhe uma kwenzeka ehamba.
“Bekunombono wokuthi uzosebenza kwiBafana uma kuyisikhathi sekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe.
“Kodwa iqembu aliwuzwa kahle lowo mbono ngoba ungase umphazamise ngoba uma kuyikhefu uzobe engekho yena,” kusho umthombo.
Uphinde waveza ukuthi AmaZulu kumanje anxenxa uMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwiPirates ukuba azothatha uma kushiya u-Arthur Zwane.
“Sebehlonze uNcikazi ukuthi azoqhubeka nomsebenzi uma uZwane egcina ngokujoyina iBafana,” kuqhuba lo mthombo.
“Bakolwa wukuthi amava awathole kule minyaka embalwa esebenza kwiPirates asemenze umqeqeshi okahle ukuthi aqhube umbono wekilabhu.”
UNcikazi njengamanje usekhaya njengoba enikwe ikhefu lokwelulama kwiPirates kulandela ukuhlinzwa kwakhe.
- FUNDA NALA | IPirates ihlabene ithola unyazi loMsinga United
Ngokwalomthombo, asemancane amathuba okuthi aphinde abuyele kwiPirates, kodwa usezosale esehlala KwaZulu-Natal, bese ethatha umsebenzi woSuthu.
Kusukela ejoyine AmaZulu, u-Arthur Zwane usewaphendule elinye lamaqembu adlala kahle esebenzisa abadlali abasebancane.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
