
‘Ihlabene’ i-Orlando Pirates ngemthole kuMsinga United
Kubatshazwa ikhono lomgadli osemncane osayinwe yi-Orlando Pirates kade edlala kwiMsinga United kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.
UMlondi “Gologo” Sibiya, oneminyaka engu-20 ubudala usegcine esayiniwe yilezi zinkunzi zaseSoweto ngemuva kokuhlolwa ikhono amasonto amabili.
Umthombo weLisenethini osondelene nalo mdlali, uthe uSibiya wachaza ithimba labaqeqeshi beZimnyama ngesikhathi edlala kwiPirates Cup ngasekuqaleni kwalo nyaka.
“Lo mfana bebemfuna kusukela ngesizini edlule,” kusho lo mthombo.
“Ubefunwa kakhulu nguMandla Ncikazi futhi wathi ngeke aphumule engakasayini kwiPirates lo mfana. Usesayiniwe. Yisonto lakhe lesibili ekwiPirates leli.”
Lo mfana kuthiwa ungumgadli ongalibheki ipali kanti wachaza uNcikazi no-Abdeslam Ouaddou ngesikhathi edlala kwiPirates Cup.
Uqhube wathi ukuthathwa kwakhe kube yisivumelwano esihle esizozuzisa Umsinga United ngokuhamba kwesikhathi uma ephumelela.
“Akukhishwanga mali kodwa uma enza kahle futhi edayiswa Umsinga nawo uyothola ingxenye ethile,” kuqhuba umthombo.
“Cishe uzoqala adlale kwiDDC ngoba usemncane. Uneminyaka engu-20 nje kuphela.
“Uya eqenjini elikahle kakhulu elizomsebenzisa futhi limqinise kahle futhi elingeke lingabaze ukumdedela uma kwenzeka efunwa phesheya.
“UMpanza (umphathi woMsinga) ujabule ngoba ubebona sengathi uyayikweleta iPirates kulandela ukuyincisha omunye umdlali eyayimfuna.”
- FUNDA NALA | Kufezeke eseGalaxy igwema iBucs kwiCarling KO
Uthe i-Orlando Pirates yayifuna umdlali wasemuva uNkosingiphile “Tower” Mzaca kodwa Umsinga wamdayisela iStellenbosch FC.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
