
Barker: Sikhethe ukuba ngcono, hhayi ukuba muncu
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uncome ukuqina kubadlali bakhe abakwaze ukudlulisa ngokushesha ukuphoxeka kweMTN8.
IStellies ibuyele eThekwini, la yashaywa khona ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu kwiMTN8 ngoLwesihlanu yafika yashaya AmaZulu Fc ngoLwesihlanu emdlalweni weCarling Knockout.
Labo mpetha ababusayo beCarling Knockout badlulele phambili ngemuva kokunqoba ngo 2-1 (ngemuva kwesikhathi esengeziwe) behlula AmaZulu eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoLwesihlanu ebusuku.
UDevin Titus, owaqokwa njengoPlayer of th e Tournament ngesizini edlule kulo mqhudelwano, no-Andre de Jong yibo abashaye amagoli kulo mdlalo.
“Yinto elimazayo (ukushaywa kowamanqamu ngaleya ndlela) kodwa kukhona kuba kabili ngemuva kwakho; unganquma ukuba muncu noma unganquma ukuba ngcono,” kusho uBarker ngemuva komdlalo.
“Kunomehluko futhi sinqume ukuba ngcono bese siqhubekela phambili.
“Awukwazi ukushintsha okwenzekile, kungumlando futhi sekudlulile, ngakho-ke into elandelayo nebalulekile wumdlalo olandelayo obewukulona kithi.”
Uthe inselelo ababhekana nao kwiPirates – emdlalweni nangemuva kwawo – yinto ebibalulekile ukuqinisa abadlali bakhe iningi labo okungabafana abasebancane.
“Uma kufanele ubekezelele izikhathi ezinzima, lokho kuyakukhulisa njengeqembu futhi kuletha ubumbano, nokukhuthazeka.
“Sibonisile ukuthi sinokuqina ukuze sidlule ekudumazekeni futhi sibheke phambili.”
Ukuqhathwa kwamaqembu azodlala umzuliswano olandelayo weCalring Knockout kuzoba ngeSonto ngemuva kwemidlalo yokugcina yomzuliswano wokuqala.
Khonamanjalo, iStellenbosch okwamanje amehlo ayo aseGqeberha lapho izodlala khona oweBetwaty Premiership neChippa United ngoLwesithathu.
Ngemuva kwalokho iyobe seyibuyela eThekwini emdlalweni weligi neRichards Bay ngoMgqibelo.
