Carling Knockout CupEzintsha

Kufezeke isifiso seGalaxy igwema iBucs kwiCarling Knockout, kodwa…

Kususe isasasa ukuqhathwa kwemidlalo yomzuliswano we-Carling Knockout Cup ngoLwesithathu eusuku! 

I-TS Galaxy, ebiveze isifiso sokugwema ompetha bale ndebe banyakenye, i-Orlando Pirates, ibe senhlanhleni safezeka leso sifiso.

Nokho injabulo yayo isheshe yaphela njengoba iqhathwe nezinye izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs.

Ziqhathwe kanje kwiCarling Knockout:

  • Kruger United vs AmaZulu FC
  • Mamelodi Sundowns vs Marumo Gallants
  • Golden Arrows vs Chippa United
  • Durban City vs Stellenbosch FC
  • Orlando Pirates vs Milford FC
  • Polokwane City vs Siwelele FC
  • Sekhukhune United vs Richards Bay FC
  • Kaizer Chiefs vs TS Galaxy

Abaqeqeshi baphawula ngokuqhathwa kwamaqembu abo

Umpetha ovikela isicoco se-Carling Knockout nomqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ugcizelele ukuthi ngeke bayithathe kancane iMilford FC yize bebhekiwe ukunqoba.

“Sizoyithatha ngokululeka okukhulu le ndlela,” kusho u-OUaddou. 

“IMilford FC yiqembu elihle, sesike sadlala nabo futhi siyazi ukuthi kuzoba ngumdlalo onzima. 

“Sinemidlalo eminingi, kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi silwela ukuvikela isicoco sethu.” 

Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi eMilford FC, uXhanti Pupuma, uthe imidlalo yenkomishi inomsindo wayo kodwa bona abanangcindezi.

“Imidlalo yendebe ingekhethekile,” kusho uPupuma. “Asinayo ingcindezi, konke kuyajabulisa futhi konke kusha kithi. 

“Siyethemba ukuthi sizokhombisa lokho esingakwenza. Sizobanika umdlalo onzima!”

Ekhuluma egameni leMarumo Gallants ezogadulisana neMamelodi Sundowns, uRonnie Kanalelo uveze ukuthi lena wuhlobo lwemidlalo ejabulisayo.

“Siphilela imidlalo efana nalena, ukudlala nabahamba phambili,” kusho uKanalelo owayevimba kwiSundowns esengumdlali.