
UMokwena akamdingeli ukudlala kuphela uZungu kwiWydad
- Sibongiseni GUMBI
UBongani Zungu usephinde wahlangana nomngane wakhe ophinde abe ngumqeqeshi, uRulani Mokwena njengoba bonke sebekwiWydad Athletic, eMorocco.
Laba bobabili banobudlelwano obude futhi bebebonke kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule kodwa bakhonjwa indlela ekupheleni kwesizini.
Kubhekwe ukuthi uZungu abe yingxenye ebalulekile yeqembu likaMokwena kwiBotola Pro League njengoba ebhekwe ukuyinqoba le ligi.
Kodwa lo mqeqeshi uveza ukuthi kusazomele asebenze ngaphambi kokungena eqenjini eliqala imidlalo, nokuthi kuningi okunye asiza kukho ngaphandle kokudlala.
“UZungu akakakulungeli okwamanje ukudlala,” usho kanje uMokwena ngemuva komdlalo wezakhe wakamuva.
“UZungu usadinga ukuba nesikhathi esanele sokuzilungiselela, ngakho siyazama ukumsheshisa kancane ukuqinisekisa ukuthi ngokwesimo somzimba ukulungele ukudlala.
“Uyajima nathi futhi uza kahle impela. Ungumdlali omuhle, nomuntu oziphethe kahle.”
Okunye okumqoka ngoZungu kuMokwena wukuthi wazi izilimi ezehlukene, okuzosiza kwezokuxhumana eqenjini.
“Uyasisiza kakhulu ngoba ukhuluma isiNgisi, olwaseFrance nesiPutukezi. Udlalile ePortugal ngakho uyakwazi ukuxoxa noPedrinho no-Audori (baseBrazil).
“Uyakwazi nokukhuluma nabanye ozakwabo abakhuluma olwaseFrance ngoba udlalile kwiLigue 1 kwi-Amiens kanti nesiNgisi uyasazi.
“Siyakwazi esimlandele khona futhi sethemba ukuthi uzosisiza uma esekulungele ukudlala. Yiligi enzima kakhulu lena futhi kuzomele ayilungele ngokomzimba.”
