
UNuno Santos nesicelo kwabeMamelodi Sundowns ngoweGallants
Umdlali weMamelodi Sundowns uNuno Santos usenxuse ozakwabo ukuthi bangalinge badembesele emdlalweni wabo onqobekayo weBetway Premiership eLoftus Stadium.
AMasandawana amukela iMarumo Gallants exhugelayo eLoftus Stadium ngoLwesibili ebusuku efuna amaphuzu amathathu ukuze abuyele esicongweni selogi.
Njengoba i-Orlando Pirates ihlulekile wukugcina igebe lamaphuzu amathathu phezulu, amaBrazillians kulindeleke ukuthi ayeqe.
Kodwa uNuno Santos ufuna ozakwabo kwiMamelodi Sundowns baqaphe futhi banikeze konke okusemandleni abo kulo mdlalo.
Naphezu kwefomu enhle yeSundowns, ukholwa ukuthi ayikho imidlalo elula futhi iqembu kufanele lihlale lizinikele kuyo yonke imidlalo.
“Ebholeni, ayikho imidlalo elula. Kufanele sihambisane nomqondo ofanele, ohambisa nezinhloso zethu,” kusho uSantos.
“Futhi kufanele sigxile emdlalweni ukuze sibe nomdlalo omuhle. Yilokho nje okubalulekile – wukuthola amaphuzu amathathu.”
FUNDA NALA | Kumsebenzele uDe Jong ukuyoyina iBucs
Njengoba elinye iso lisemdlalweni weCaf Champions League ekuhambeni ngempelasonto, uMiguel Cardoso ulisintshile iqembu aqala ngalo lo mdlalo.
- Nansi indlela iSundowns ebophele ngayo (4-3-3): Williams – Basadien, Mdunyelwa, Cupido, Johannes – Reisinho, Santos, Allende – Sales, Mathews, Leon
- Ebhentshini: Onyango, Kekana, Lunga, Ntsabeleng, Mokoena, Zwane, Saleng, Mothiba, Rayners
- IGallants ibophele kanje (4-4-2): Arubi – Ncube, Ntiya-Ntiya, Sikhosana, Nhlapo – Mabuza, Kunene, Doumbia, Manaka – Marou, Ndlondlo
- Ebhentshini: Ledwaba, Mphambaniso, Bance, Sithole K, Sithole C, Eroine, Mabojta, Dhludhlu
