
Zibophele kanje koweMTN8, uCardoso nomlayezo konompempe
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, umangaze abaningi ngo,layezo awubhekise konompempe ngaphambi komdlalo wamanqamu we-MTN8 ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
Ekhuluma neSuperSport TV ngaphambi komdlalo, uCardoso uthe onompempe nabo bayakudinga ukwesekwa, ikakhulukazi emdlalweni omkhulu nosezingeni eliphezulu njengalo.
“Ngifisela onompempe inhlanhla ngoba nabo bayakudinga ukwesekwa, ikakhulukazi kubadlali.
“Ngethemba ukuthi abadlali ngeke benze umsebenzi wabo ube nzima,” kusho uCardoso.
- FUNDA NALA | Unikwe uTom owamanqamu wokuqala kule sizini
ISundowns nePirates bazobhekana eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngo-6 ntambama, belwela ukuphakamisa indebe ye-MTN8.
IPirates ibophele kanje: Chaine, Sibisi, Seema, Hotto, Sebelebele, Mbatha, Mokobodi, Selepe, Lungu, Moremi, Mbuthuma.
Ebhentshini: Dladla, Zulu, Ndaba, Mthiyane, Masilela, Nkota, Kgotsitsile, Appollis, Makgopa.
ISundowns ibophele kanje: Williams, Ndamane, Matuludi, Khoza, Morena, Modiba, Mokoena, Allende, Santos, Matthews, Leon.
Ebhentshini: Goss, Mvala, Zwane, Lunga, Ndlovu, Mailula, Cele, Van Wyk, Rayners.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
