
IChiefs isisayine omunye onomlando nePirates
IKaizer Chiefs isiqinisekise umdlali wayo omusha wesihlanu – nowesithathu onomlando nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates.
Amakhosi amemezele uSiphesihle Ndlovu ngoMgqibelo ekuseni esekhempini yawo yokulungiselela isizini eNetherlands.
Nokho akucaci noma uNdlovu naye ukhona yini eqenjini eliseNetherlands noma uzolijoyina ngokuhamba kwesikhathi.
“Izinhlelo zeKaizer Chiefs zokuqinisa isikwati ngaphambi kwesizini entsha ka-2025/26 zisaqhubeka ngokusayinwa kukaSiphesihle Ndlovu.
“Siyakwamukela emndenini!,” abhale kanje Amakhosi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi emukela uNdlovu.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubekwi-Orlando Pirates amasizini amathathu ngaphambi kokuthi adlulele kwiSuperSport United.
IChiefs imsayinise esesuka kwiSuperSport esihlakaziwe, isitifiketi sayo sadayiselwa iSiwelele FC.
IKaizer Chiefs ibisivele isayine uPaseka Mako noThabiso Monyane abadedelwe yi-Orlando Pirates uma kuphela izinkontileka zabo ngesizini edlule.
Ukuthengwa kukaNdlovu kuza ngemuva kokukhululwa kuka-Edson Castillo ovumile ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe ngoLwesihlanu.
Kuphinde kuqede ukujaha kwaMakhosi isihlabani saseTanzania uFeisal Salum okubikwa ukuthi iqembu lakhe i-Azam FC belingeneme ngalokho obekubekwa yiChiefs etafuleni.
KuNdlovu, iChiefs ithola umdlali onekhono futhi ohlezi edlala ngokuzinikela ngaso sonke isikhathi.
Kusalindeleke ukuthi leli qembu liqhubeke nokusayina abanye abadlali ikakhulukazi kubagadli kwazise lisasayine oyedwa okwamanje.
