EzintshaKaizer Chiefs

Ingcindezi yokufana noJimmy Tau komusha kwiChiefs

Abalandeli abachithanga sikhathi bafanisa ukufika kukaMonyane nokuka-Jimmy Tau eminyakeni eminingi edlule.

U-Jimmy Tau, owagcina ekukaputeni kwiKaizer Chiefs wenza okufanayo noMonyane, esuka kwi-Orlando Pirates, naye wafika wagqoka ijezi elingunombolo-2.

UMonyane, ojoyine iChiefs kuleli sonto benoPaseka Mako besuka kwiPirates, kanti unikezwe inombolo eyaduma igqokwa uTau.

 Ngokusobala ke, kusho ukuthi le nombolo inesisindo nezinkumbulo ezinhle kubalandeli beKaizer Chiefs njengoba u-Jimmy Tau aba ngumdlali ophambili. 

Ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli baveze lokhu kufana phakathi kwabo:

  • Bobabili abadlali basemuva.
  • Bobabili basayine besuka kwiPirates.
  • Bobabili bathathe unombolo-2
  • Futhi bobabili bafike ngesikhathi soguquko eNaturana.

“UThabiso Monyane kumele alandele ezinyathelweni zikaJimmy Tau,” ubhale kanje omunye umlandeli ku-X. 

“Ufike ngendlela efanayo, uthathe inombolo efanayo — manje sifuna impumelelo efanayo.”

UJimmy Tau wajoyina iKaizer Chiefs ngo-2005 ngemuva kokushiya isigubhukane futhi kungalindelwe kwi-Orlando Pirates. 

Naphezu kwesiqalo esinzima, wagcine ebe ngukaputeni weqembu, wawina izindebe ezinkulu, futhi waba ngomunye wabadlali basemuva abahlonishwa kakhulu emlandweni weqembu.

Manje, abalandeli bakholwa ukuthi uTau ‘ubuye isibili’ kwiChiefs futhi umlando ungaziphinda ngoMonyane.

Kodwa lokho futhi kuwukufakela uMonyane ingcindezi enkulu, nokuzomele aqine ukukwazi ukumelana nayo. 

Yize eseneminyaka engu-24 nje kuphela, nokho ufika enamava esigaba esiphezulu nokudlala kwiCaf Champions League.

Kodwa kusasele imibuzo mayelana nokubamba kwakhe umgqigqo nokulimala kwakhe okuphazamise inqubekela phambili yakhe kwiPirates.

Njengoba iChiefs yakha kabusha nje, okulindelekile kuphezulu kakhulu, nengcindezi eqenjini nje lilonke izoba phezulu. 

Ukugqoka ijezi elingunombolo 2 eNaturana kuhambisana nomthwalo womlando.

Futhi kufanele ukuthi uMonyane uyazi ukuthi ukuqhathaniswa noTau kuzokwenziwa kuyo yonke iminyakazo yakhe.

Ukunakwa ngabalandeli sekuvele kuqalile — futhi uMonyane kuzomele asebenze. Ngabe uzokwazi ukumelana nengcindezi?