EzintshaOrlando Pirates

USibisi uphawula ngokunikwa esobukaputeni kwi-Orlando Pirates

Lezi ziqhwaga zaseSoweto ziqinisekise izindaba zokuqokwa kukakaputeni omusha ngoLwesithathu, nokulandela ukuhamba kuka-Innocent Maela. 

UMaela uthathe umhlalaphansi ekudlaleni ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokugqoka ibhande kusukela ngo-2022, lapho ayethathe khona indawo kaHappy Jele.

Yize umsebenzi wakhe omusha ungakacaciswa, kukholakala ukuthi uMaela usethathe esinye isikhundla ekilabhini.

UNkosinathi Sibisi uvotelwe njengokaputeni omusha ngabadlali beqembu elikhulu. Lo mdlali wasemuva uthi usekulungele ukubhekana nale nselelo.

“Kuyinto enkulu nengenza ngiziwe ngibalulekile ngempela ukuqokwa njengokaputeni walesi sikhungo esikhulu kangaka. 

“Kungumthwalo engiwamukelayo futhi engithembisa ukuwufeza ngendlela efanele,” kusho uSibisi esitatimendeni sekilabhu.

I-Orlando Pirates iphinde yaqoka amaphini kakaputeni. UTapelo Xoki nesihlabani esisafufusa uMbekezeli Mbokazi yibo abazosebenzisana noSibisi.

Ukushintshwa kobuholi kuphawula ukuqala kwenkathi entsha kwi-Orlando Pirates esicijwa ngu-Abdeslam Ouaddou. 

USibisi, owaziwa ngokuba yisitobha esinesibindi nesizinikelayo, uzothwala umsebenzi wokushayela izinhlelo zeqembu ngaphakthi nangaphandle kwenkundla.

Uqokwa kulesi sikhundla nje ukuzethemba kuphezulu kuSibisi njengoba edle indondo yokuba yisitobha esivelele ngesizini edlule emiklomelweni yePSL yokucala isizini.

Abalandeli be-Orlando Pirates bazobe bemagange ukubona ukuthi ukaputeni omusha uzoba nayo yini inhlanhla naye yokuqukula izindebe njengoMaela. 

AmaBhakabhaka azovula isizini efuna ukwengeza ezinye izindebe emgodleni wawo njengoba eqala ukuvikela iMTN8 kule mpelasonto.

Azosingatha iPolokwane City e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO