
Injani impilo ngaphansi kuka-Ouaddou? UMabasa uyachaza
Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, usephawule ngokuthi injani impilo ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.
Lo somaqhinga waseMorocco ungene esikhundleni sikaJose Riveiro ngoJuni.
Akungabazeki ke ukuthi ubengena ezicathulweni ezinkulu kakhulu.
Phela ngaphezu kokuthi uRiveiro unqobe izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu, wakhe ubudlelwano obuhle nabadlali.
U-Ouaddou ujoyine iPirates ngaphambi kwekhempu yayo yokulungiselela isizini ebiseSpain ngasekuwaleni kwale nyanga.
Idlale imidlalo emine yobungani kule khempu kanti inqobe owodwa, yadlala ngokulingana emibili, yahlulwa kowodwa.
UMabasa uthi lo mqeqeshi wabo omusha usevele wenza umehluko, waveza nokuthi akahlukile kangako kuRiveiro.
“Ungumqeqeshi ofuna sizikhandle kakhulu kodwa uyabathanda abadlali bakhe,” kusho uMabasa.
Ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi kukhonjiswa iDocu-series yale kilabhu iGiants.
“Uyasikhuthaza. Ufana ncamashi nomqeqeshi uJose,” kuqhuba uMabasa.
Lo mgadli uthi u-Ouaddou akashintshile kakhulu kulokho obekwenziwa uRiveiro. Kodwa ulungisa iphutha elibucayi ebelibalimaza.
“Sihluliwe kwiChampions League ngenxa yamabhola abekwe phansi,” kuvuma uMabasa.
“Singenelwe amagoli amathathu sibhekene nePyramids FC ngamabhola abebekwe phansi.
“Yingakho sakhishwa kulo mqhudelwano. Nokho kwiligi, besihamba phambili ekuvimbeni amabhola abekwe phansi.
“Lokho kuyahlekisa. Umqeqeshi u-Ouaddou ufuna ukwenza isiqiniseko sokuthi lokho akuphinde kwenzeke.”
Isivivinyo sokuqala sePirates ngaphansi kuka-Ouaddou sikule mpelasonto. AmaBhakabhaka azobhekana nePolokwane City emdlalweni weMTN8.
Lo mdlalo uzoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo kanti uhlelelwe ukuqala ngo-3 ntambama.
