
UFreese udalula isizathu sokuhlukana neMagesi FC
Obengumqeqeshi we-Magesi FC, u-Allan Freese, usedalule isizathu okuyiso esene wakhululwa yileli qembu.
Uthi akukhona ukuthi uhlulekile ukusiza leli qembu livike izembe, kodwa utshelwe ukuthi ayisekho imali yokumholela.
Kumanje usefuna iqembu elisha azoliqeqesha, okungaba kwiBetway Premiership noma kwiMotsepe Foundation Championship.
U-Allan Freese uthi usihlalo we-Magesi FC wamazisa ukuthi iqembu alisenayo imali yokumgcina njengoba selizodlala esigabeni sesibili.
“Kuzomele ngifune omunye umsebenzi. Usihlalo wangitshela ukuthi ngeke esakwazi ukungiholela,” kusho uFreese kwiKickOff.
“Uthe ngeke angigcine ngoba ayikho imali eyanele kwiNational First Division.
“Ngabe sengithi, ‘Kulungile, ngiyabonga kakhulu ngethuba eninginike lona.’”
Lo mqeqeshi uthe bahlukana ngokuthula ngaphandle kwanoma yiyiphi inkinga.
“Sihlukane ngokuzwana, akukho okubi okwenzekile. Ngakwamukela lokho. Uma ethi ayikho imali, kusho ukuthi ayikho ngempela.”
- FUNDA NALA | ISiwelele ifuna owePirates
IMagesi yehliselwe kwiMotsepe Foundation Championship ngoJuni ngemuva kwesizini embi ka-2025/26, eyaphetha ngemidlalo yokuhlunga.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
