
UNeo Maema ongase abolekiswe kwiSimba, ‘ufuna ukudlala qha’
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uNeo Maema, usebhoboke ngokweqiwa kwakhe yijezi kuleli qembu lasePitori.
Ubhoboka ngalento ebilokhu imququda buthule nje kunamahlebezi athi angase abolekiswe kwiziqhwaga zaseTanzania iSimba SC.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ujoyine iSundowns ngo-2021 esuka kwiBloemfontein Celtic esiyagcina iphelile.
Kusukela lapho, usedlale imidlalo engu-120, washaya amagoli angu-13 futhi wasiza ekhakheni angu-14.
Usenqobe izindebe eziyisithupha, okuhlanganisa ne-African Football League esadlalwe kanye.
Kodwa amasizini amabili edlule amlethele ukukhungatheka njengoba isikhathi sokudlala simnciphele kakhulu.
UNeo Maema ubnakale emidlalweni izikhathi engu-17 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule.
Futhi, yize ebehambe neqembu ukuya kwiFifa Club World Cup, akazange adlale nakanye kulo mqhudelwano.
Njengoba sekusele izinyanga ezingu-12 kuphela kwinkontileka yakhe, ikusasa lakhe eChloorkop aliqinisekile.
Yingakho eseqalile ukucabanga ngokubheka engxenye ukuze athole isikhathi esanele sokudlala angaze alahlekelwe umgqigqo.
“Okokuqala, ebholeni kufanele ube ngumuntu ozihloniphayo wena nomsebenzi wakho,” kusho uMaema.
Ubekhuluma ngesikhathi esekhempini yeqembu elizomela iNingizimu Afrika kwiChampionship of African Nations ngenyanga ezayo.
“Kufanele wamukele isimo okuso, ubheke ukusebenza kwakho: ukuthi uziqeqesha kanjani…
“Bese ulungisa izinto ezimbalwa futhi usebenze ngokuzikhandla ngaso sonke isikhathi.
“Ngiyzazigqugquzela. Noma nini lapho ngithola khona ithuba, kungaba sekilabhini noma eqenjini lesizwe, ngizinikela ngo-100%.”
UNeo Maema, owayengukaputeni weBafana Bafana ngesikhathi sokuhlungela iChan, uncome iSundowns ngokubumba ikhono lakhe lobuholi.
“Ukuba kwiSundowns kukufundisa ukuthobeka, ukwenza kahle nokuba nomqondo wokunqoba ngaso sonke isikhathi,” kwengeza yena.
“Ngifunde lukhulu kubadlali abadala. Lokho kwangisiza ukuba ngihole iqembu lesizwe.
“Ngibe ngukaputeni emidlalweni emithathu kuphela kodwa sengibheke ngabomvu i-Afcon. Sifuna ukuletha indebe ekhaya.”
Umqeqeshi weSimba SC, uFadlu Davids, kubikwa ukuthi ukubheke ngabomvu ukubolekwa uNeo Maema.
Lo mqeqeshi oke waphatha kwi-Orlando Pirates neMaritzburg United phambilini, useable usesayinise uRushine De Reuck obekwiSundowns.
Phela ukwazile ukubuyisela leli qemnbu laseTanzania kwiCaf Champions League ngakho ufuna ukuliqinisa ngayo yonke indlela angakhona ngayo.
Lapho uNeo Maema ezodlala khona ngesizini ezayo kusazobonakala, kodwa into eyodwa ecacile: uzimisele ngokulwela ikusasa lakhe.
