EzintshaKaizer Chiefs

UNgcobo uzibekela afuna ukukuzuza neChiefs 

Umdlali wasesiswini we-Kaizer Chiefs, u-Nkosingiphile Ngcobo, uthi uzimisele ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu ngesizini ka-2026/27 ukuze azakhele indawo eqenjini.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uphuma enkulisa yeChiefs kanti wakhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2017. 

Muva nje iChiefs isebenzise inketho yokwelula inkontileka yakhe ngomunye unyaka, okuyinkomba yokuthi umqeqeshi omusha uFernando Da Cruz usamethemba.

UDa Cruz usevele uqale kahle ngokuhola iChiefs inqoba iToyota Cup ngemuva kokushaya iScottland FC yaseZimbabwe ngo 1-0, ngegoli likaMfundo Vilakazi.

“Ngizizwa ngikahle futhi ngikulangazelele ukuqala kwesizini entsha,” kusho uNgcobo.

“Inhloso yami ukusebenza kanzima, ukwenza izinto ngendlela efanele nokunikela ngakho konke enginakho enkundleni. 

“Ngifuna ukudlala ngezinga eliphezulu kule sizini.”

U-Nkosingiphile Ngcobo uthe ikhempu ye-Kaizer Chiefs ebiseSpain ibasize kakhulu yize imiphumela ibingagculisi ngokuphelele.

“Bekunzima kodwa kube yithuba elihle lokuzithuthukisa,” kuqhuba yena. 

“Sonke sifunde okuningi futhi sizokusebenzisa lokho esikufundile uma kuqala isizini.”

I-Kaizer Chiefs izoqala isizini yeBetway Premiership ngoMgqibelo kanti u-Nkosingiphile Ngcobo uzobe ebheke ukuba seqenjini elizoqala umdlalo.

Amakhosi azogadulisana nomakoti beligi iKruger United eMbombela Stadium.