
UKaze noBen Yousseff bakhuluma ngokubhekana kowokuqala
Abebengabaqeqeshi ngokubambisana kwiKaizer Chiefs, u-Cedric Kaze no-Khalil Ben Yousseff, bazobhekana emdlalweni wabo wokuqala bengabaqeqeshi abazimele.
Laba ngokokuqala bezosebenza ngokuzimela njengoba sebeqashwe amaqembu eBetway Premiership ngemuva kokushiya kwiChiefs.
UKaze usecija iSekhukhune United kanti uBen Youssef yena uqashwe yiDurban City.
Ngokuqondana nje kwezinto, lamaqembu azovula iligi ngokubhekana emdlalaweni ozoba seSeshego Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
Laba baqeqeshi bahlukana neChiefs ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokuthi iqembu liqede lisendaweni yesithathu, kwathi iChiefs yaqoka uFernando Da Cruz njengomqeqeshi omusha.
“Besingakulindele ukuqala isizini sidlala sodwa,” kusho uBen Yousseff ngokuqondana kwakhe noKaze.
“Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule besisebenza ndawonye, kodwa manje ngamunye wethu kufanele alwele iqembu lakhe.
“Ngiyethemba kuzoba umdlalo omuhle futhi abantu bazowujabulela.”
U-Cedric Kaze naye uthe ulindele umdlalo ozothokozisa abalandeli, kodwa wagcizelela ukuthi akuwona umdlalo phakathi kwakhe noKhalil Ben Yousseff.
“Kubalulekile ukuthi abantu bakuqonde ukuthi lona ngumdlalo phakathi kweSekhukhune United neDurban City, hhayi phakathi kwabaqeqeshi ababili,” kusho uKaze.
- FUNDA NALA | OweKruger nesithembiso kwiChiefs
Uthe bobabili bazothola ithuba lokukhombisa umsebenzi abawenzile ngesikhathi sokulungiselela isizini entsha, wathi unethemba lokuthi iqembu elingcono lizowina.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
