Bafana BafanaEzintsha

UNtseki nezintsha ngomqeqeshi weBafana

Umqondisi wezokuqeqesha kwiSafa, u-Molefi Ntseki, useveze ukuthi abalandeli be-Bafana Bafana bangalindela nini ukwazi umqeqeshi omusha.

Lokhu kungenxa yokuthi kusaqhubeka ukungaqiniseki ngekusasa likaHugo Broos ophelelwa yinkontikela uma kuphela le nyanga.

Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwencwadi kaPitso Mosimane eSandton muva nje, uNtseki uthe iSafa ilandela yonke imigudu efanele ngaphambi kokuqoka umqeqeshi omusha.

“Sonke sifuna ukwazi ukuthi ubani ozoba ngumqeqeshi, nami ngifuna ukwazi,” kusho uNtseki.

“Kodwa kumele silandele imigudu efanele. Asikwazi ukuqoka umuntu ngaphandle kokwenza izingxoxo nokuhlolwa okufanele. Yingakho kuthatha isikhathi.”

U-Molefi Ntseki uthe balindele ukumemezela umqeqeshi omusha we-Bafana Bafana ekupheleni kwale nyanga noma ekuqaleni kwenyanga ezayo.

Uphinde wagcizelela ukuthi umqeqeshi omusha kuzomele aqale ngokushesha ukubheka abadlali nokulungiselela imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027.

IBafana izodlala imidlalo eyisithupha yokuhlunga phakathi kukaSepthemba noDisemba, ngakho umqeqeshi omusha kuzomele aqale umsebenzi ngokushesha.

Lokhu kuza ngesikhathi imibiko ehlukene iqhubeka nokuphikisana ngekusasa likaBroos.

ISafa isiphinde yaphika ukuthi sekukhona isivumelwano sokwelulwa kwenkontileka kaBroos.

U-Molefi Ntseji unxenxe ukuba banikwe ithuba ngoba bazomemezela umqeqeshi we-Bafana Bafana ngesikhathi esifanele.