
Liyakhula isasasa, uMcCarthy uthembisa lukhulu eKenya
Ukufika kukaBenni McCarthy eKenya njengomqeqeshi weqembu lesizwe, iHarambe Stars, sekuwunyuse isasasa ngebhola nangaleli qembu kuleliya lizwe elimaphakathi ne-Afrika.
UBenni McCarthy umenyezelwe njengomqeqeshi ekuqaleni kwale nyanga kanti usevele useke walihola iqembu emdlalweni wakhe wokuqala.
Lowo mqeqeshi oke wacija AmaZulu FC, uthi usehlose ukushaqisa umhlaba woonke ngokufaka iKenya eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
Le nsizwa eke yaqeqesha nakwiManchester United udlale umdlalo wakhe wokuqala naleli qembu ngoLwesine.
IHarambee Stars igile izimanga ibuya kade seyilandela ngemuva ngo 2-0, yagcina idlale ngokulingana ngo 3-3 ibhekene neGambia ekuhambeni.
Ebuyela ekhaya eKenya, uBenni McCarthy neqembu lakhe bamukelwe njengamaqhawe esikhumulweni sezindiza.
Futhi amathikithi omdlalo wabo olandelayo, umdlalo wasekhaya neGabon adayiswe aphela kungakapheli amahora atheni efakwe endalini.
Njengoba sekusele imidlalo emihlanu kuphela yokuhlunga, iKenya ibhekene nomqansa kuGroup F.
Njengamanje isilele emuva ngamaphuzu ayisikhombisa kwi-Ivory Coast okuyiyo eqhwakele kuleli qoqo. Naphezu kwalokho, uBenni McCarthy unethemba.
“Ukungena eNdebeni yoMhlaba kungenye yemizwa ekhetheke kakhulu emhlabeni.
“Ngifuna ukunikeza iKenya lowo muza,” kusho uMcCarthy engxoxweni abe nayo neBBC Africa.
IKenya ayikaze ingene eNdebeni yoMhlaba, kodwa isipiliyoni sikaMcCarthy nomuzwa wokunqoba afike nawo kubhekwe ukujike lokhu.
Le nsizwa eyayingumdlali kwiPorto ngaphansi kukaJose Mourinho futhi yasebenza iminyaka emibili ethimbeni labaqeqeshi lika-Erik ten Hag kwiManchester United.
Manje, usekulungele ukuzakhela igama ebholeni lase-Afrika ngokugila izimanga neKenya enganakiwe kangako.
“Ngomqondo ofanele, ukuzinikela, nokulambela impumelelo kwabadlali, singamangaza abantu abaningi,” kusho yena.
IKenya izodinga ukwenza kahle ngendlela emangazayo kule midlalo yokuhlunga esele ukuze ifeze leli phupho likaMcCarthy.
