
Ulandelwa yizinhloli zawase-Europe oweBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana, u-Elias Mokwana, usehehe amaqembu ase-Europe, yize ekwisizini yakhe yokuqala ekilabhini yakhe entsha yaseTunisia i-Esperance.
Lo mdlali odle ngejubane nomjiko ophikweni, ushaye igoli lakhe lokuqala kulezi zinkunzi zaseNyakatho Afrika ngesikhathi benqoba ngo 2-0 behlula u-Etoile du Sahel ngeSonto.
UMokwana ubehalelwa yiKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi athathwe yi-Esperance lapho akhombisa khona ukukhula okuhle.
Lo mdlali obekwiSekhukhune United ngesizini edlule, usengomunye wabayizinsika eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, elicijwa uHugo Broos.
Ungomunye wezethenjwa okulindeleke zisize leli qembu uma selibhekene ne-Uganda neSouth Sudan emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations kule nyanga.
Manje sekubikwa ukuthi lo mdlali, oneminyaka engu-25 ubudala, ulandelwa yizinhlozi zamakilabhu aseFrance naseBelgium.
Ngokombiko wePhakaaathi, izinhlozi zilokhu ziqale umumnakisisa ngesikhathi edlala kwi-Afcon ngoJanuwari.
“U-Elias usesikalini samakilabhu ase-Europe futhi ngingakutshela ukuthi bebemlandela kusukela ezinsukwini zakhe ekwiSekhukhune ngoba wenze kahle kwiCaf Confederation Cup,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Lowo mncintiswano ubaluleke kakhulu. Izinhloli ezivela e-Europe zilandela ibhola leCaf kanti uMokwana ulandelwa amakilabhu amathathu.
“(Kukhona) amabili aseFrance nelilodwa laseBelgium. Ngeshwa ngeke ngikwazi ukudalula amagama awo okwamanje.
“Kodwa yena ungamangali ukumbona ethuthela e-Europe kungekudala,” kwengeza umthombo.
