
Usephenduke inhlanzi eshelwe amanzi oweChiefs
Ngemuva nje kokujoyina iKaizer Chiefs, umqeqeshi uNasreddine Nabi ukubeke kwacaca ukuthi kumele asayine umgadli.
UNabi wathi ukuphela komgadli anaye kwiChiefs nguRanga Chivaviro.
Wathi ukuze ikwazi ukuncintisana, ikilabhu idinga ukusayina omunye umgadli osezingeni eliphezulu ukuze ancintisane noChivaviro.
Lokho akwenzekanga njengoba engene kule sizini nalo mgadlo owayegijina kwiMarumo Gallants no-Ashley du Preez kuphela.
Lokho akuzange kumsebenzele yena noma iqembu njengoba laba bobabili benamagoli angaphansi kwamahlanu ngamunye kule sizini.
Manje sekuvela ukuthi lokhu kungase kube omthelela ongemuhle kuChivaviro.
Ngasekuqaleni kwesizini ubebukeka sengathi uzoshaya inqwaba yamagoli, ikusasa lakhe kwiChiefs belibukeka lithembisa.
Kodwa manje njengoba ifomu yakhe seyicwilile futhi namagoli engaveli, kubukeka sengathi izinto azihambi kahle.
Kuke kwanesikhathi la iChiefs beyifuna ukusebenzisa umbandela okwinkontileka yakhe ukwengeza unyaka kuyo.
Kodwa manje ngokweSoccer-Laduma, abaphathi sebejike ukucabanga ngaye.
“Indlela izinto esezenzeka ngayo iyisimo esingesihle,” kusho umthombo.
“Hhayi nje yena (uChivaviro) njengomdlali, kodwa iqembu lilonke (leChiefs).
“Uyazi ukuthi yonke impi inezisulu zayo futhi uChivaviro nguye isisulu sale mpi eliwa yiChiefs.
“Yebo, ikilabhu ibisiqale izinhlelo zokwelula inkontileka yakhe yengeze unyaka owodwa.
“Kodwa njengoba bekungakavunyelwana futhi kungakasayinwa lutho, sebeyishintshile imiqondo yabo manje.”
Ube eseveza izizathu ebezingase ziholele ekutheni iChiefs ishintshe umqondo ngoChivaviro.
“Kungase kube nezici eziningana kulokhu, kodwa ezimbili eziphambili wukwehla kwefomu yakhe.
“Nokuthi ikilabhu (iChiefs) ibheke ukuletha omunye umgadli omusha.
“Bavele banoWandile Duba no-Ashley Du Preez kakade kanti kusekhona noNaledi Hlongwane ososuswa kwiDDC.
“Yingakho lokhu kuthinta uChivaviro, yingakho sekunesimo sokuthi ingayivuselelwa inkontileka yakhe njengakuqala.”
