EzintshaOrlando Pirates

Zingase zingehli kahle kubalandeli ezokubolekiswa koweBucs

Abalandeli be-Orlando Pirates bangase bangajabuli ngezindaba zakamuva ngomunye wabadlali ababathandayo. 

Kuvela ukuthi uKarim Kumvuidi angase ashiye kuleli qembu laseSoweto.

Lo mdlali wasesiswini odabuka eCongo, obizwa ngoVududu kuleli, weqiwa yijezi kusukela ejoyine iPirates ngoJulayi ka-2023. 

Uqale kahle kwiMaritzburg United, lapho ahlaba khona umxhwele amasizini amabili ngemuva kokujoyina ngo-2021.

Nokho uKumvuidi usaqale imidlalo emihlanu kuphela kwiPirates ezinyangeni ezingu-18. 

Njengomdlali wasesiswini ohlaselayo, ubanga ijezi nabadlali abafana noPatrick Maswanganyi, Kabelo Dlamini, Thuso Moleleki, no-Azola Tshobeni.

Ngokombiko weSoccer Laduuma, iPirates manje isicabanga ukubolekisa nglo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala.

“Abafuni ukuthi avele ahlale ebhentshini noma ezihlweleni isikhathi eside,” kusho umthombo. 

“Usemncane futhi udinga ukuqhubeka nokudlala kanti ukubolekiswa kuzomnika lelo thuba. 

“Cha, angikwazi ukusho ukuthi likhona iqembu elimfunayo kodwa iPirates ifuna ukumbolekisa ukuze athole isikhathi esiningi sokudlala.

“Okwamanje ngeke bamthengise unomphela. Kuwukumnika isikhathi esengeziwe sokudlala. 

“Usenonyaka nesigamu enkontilekeni yakhe futhi abakwazi ukumdedela ahambe kanjalo nje. 

“Phela kufanele wazi ukuthi usemncane futhi unekusasa elihle phambi kwakhe.

“Futhi yingakho betshale imali kuye futhi ukumbolekisa kuzomsiza ukuthi akhule njengomdlali.”

Uma iPirates idinga iqembu elizoboleka lo mdlali, akufanele iliswele ngenxa yezinga akulo.

Maningi amaqembu angafike abe ngomunye wabadlali abadlala yonke imidlalo kuwo kwiBetway Premiership.