
Ezintsha ngeRoyal AM ebidube ukujima
IRoyal AM ijime okokuqala kulo nyaka ngoLwesibili. Kodwa kunabadlali abahlanu abebengekho.
Iqembu bekumele libuye ngoMsombuluko kodwa labhekana kwahlehliswa.
Kubikwa ukuthi abadlali bathole amasango evaliwe esikhungweni sekilabhu esiseMgungundlovu.
Onogada kuthiwa banqabile ukubavulela njengoba bebetelekile njengoba sebenezinyanga ezintathu bengaholelwa.
Kodwa-ke ngoLwesithathu, ngokubika kweSportsWire abadlali bebephelele bezilolonga nalaba abahlanu abebengekho ngayizolo nabo bekhona.
Izinkinga zakamuva zamaholo zaleli qembu zidale ukuthi kuhlehliswe umdlalo walo neChippa United obuzoba ngoMgqibelo odlule.
Amaholo kaDisemba abambezelekile kodwa agcina ekhokhiwe kule nyanga.
Umphathi jikelele weqembu uRichard Makhoba ukuqinisekisile ukuthi iRoyal AM izobe isikulungele ukudlala ngoLwesibili.
Izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership eHarry Gwala Stadium khona eMgungundlovu.
Izinkinga zezimali zaleli qembu zisukela ekushqweni kwempahla kamengameli uShauwn Mkhize yiSars.
Kuthiwa ukweleta intela ka-R40 million. Izimpahla zeRoyal AM nazo zishaqiwe, kwaqokwa umqaphi ukuthi aphathe izindaba zayo.
Enkundleni, iqembu lidonsa kanzima. Lihlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-11.
Iphuzu elilodwa kuphela elibahlukanisa neMagesi FC esemsileni. Kodwa iRoyal AM isenomdlalo ewugodlile.
