
UNabi uveza ‘okuzomdina’ adikile iKaizer Chiefs
Njengoba sekuvele ukuthi abaphathi be-Kaizer Chiefs abeneme ngomsebenzi kaNasreddine Nabi, naye useveze okuzomenza adikile leli qembu.
Izindaba zokuthi uNasreddine Nabi usengcupheni yokukhonjwa indlela zivele ngeSonto ekuseni ngesikhathi lo mqeqeshi esajabulela ukunqoba iNedbank Cup.
Umbiko weSunday Times ulibeke ngembaba elokuthi isinqumo sokuthi achithwe lo mqeqeshi sesivele sithathiwe.
Ebuzwa ngalokhu, umpathi weChiefs uKaizer Motaung Junior ungene ezintangeni, wathi kusazohlalwa phansi kubhekwe kahle ukusebenza kweqembu.
Esinye sezizathu okuthiwa senze abaphathi babone kungekho okungenziwa uNabi wukuthi uhlulekile ukufeza abekubekelwe.
Kuthiwa ubebekelwe ukuthi aqede emaqenjini amathathu kwilogi yeBetway Premiership, aphinde akhe iqembu elidlala ibhola elibonakalayo ukuthi liyaphi.
Kokubili lokhu akubonakali njengamanje – ibhola liyinhlakanhlaka nje, kanti iqembu lisendaweni yesishiyagalolunye njengoba sekusele imidlalo emibili isongwe iligi.
Yize kubukeka kuzombhimbela uNasreddine Nabi kwi-Kaizer Chiefs, naye usebeke umbandela okuzothi uma ungafezwa ashiye phansi.
“Ngabe angikhulumi iqiniso uma ngingathi ngizohlala uma iqembu linganginiki amathuluzi afanele ukuze ngiphumelele ngesizini ezayo,” kusho uNabi.
Ubekhuluma kwi-Extra Time yeSuperSport TV ngoMsombuluko. Amathuluzi akhuluma ngawo ngabadlali okuthiwa ubacelile kuleli qembu.
“Bangithembisile ngabe nami sengithembisa abalandeli ukuthi ngizokwakha iqembu eliqinile elizoletha impumelelo, likwazi ukulwa kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini ezayo.
“Yilowo umbandela engihleli phezu kwawo nozongenza ngihlale ngoba angiziboni ngiphinda ngibhekana nezinkinga engibhekane nazo kule sizini.”
Eyokuthi kuzokwenzakalani ngoNasreddine Nabi ne-Kaizer Chiefs ngenye yezinto ezizobe zibhekwe ngabomvu uma sekuphele isizini.
