Bafana BafanaEzintsha

UBroos upopola ingozi uma kuqashwa uPitso kwiBafana

Obengumqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos usesole ukuqashwa kukaPitso Mosimane ukuba acije leli qembu ngemuva kokuhamba kwakhe.

Lo mqeqeshi waseBelgium uthi lesi sinyathelo singase siyibuyisele emuva iBafana abeseyakhe yaba yiqembu elenza kahle.

UBroos uthi ukukhethwa kwabadlali ngaphansi kukaMosimane kungase kuthonywe ngabaqeqeshi bamakilabhu nezimenenja zabadlali.

“Uyazi, iNingizimu Afrika namanje ayinaye umqeqeshi kuze kube manje,” kusho uBroos kwiHet Nieuwsblad ngempelasonto. 

“Kubhekwe uPitso Mosimane, umqeqeshi waseNingizimu Afrika ophumelele.

“Kepha bayazi ukuthi uma efika, bazohlehlela emuva ngeminyaka emihlanu. 

“Abanikazi bamakilabhu nezimenenja zabadlali bashayela abaqeqeshi ucingo ukuze bezama ukuba nesandla ekuqokweni kweqembu.

“Mina ngabaxosha bonke. Uma kukhona ongishayela ucingo, ngangimtshela ngqo ukuthi: ‘Angikhulumi nezimenenja mina.’”

UBroos uphinde wakhuluma ngokushiya kwakhe iBafana, yize ngaphambi kwalokho ebecabanga ukuqhubeka nomsebenzi.

Uthi uDanny Jordaan wake wamtshela ukuthi angabuya noma nini uma efuna ukuqhubeka.

“Bengingabuyela khona ngesonto elilodwa ngaphambi komdlalo,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Lokho bekungasho ukuthi ngihlala eBelgium kusukela ngoNovemba kuya maphakathi noMashi.

“Kepha angikwazanga ukuthi ngikuphakamise lokho. Nganginamahloni ukukusho.”

U-Hugo Broos uthi ubunzima bokushiya iBafana babubangelwa kakhulu ukubonga akuthola kubantu baseNingizimu Afrika.

“Angikaze ngibhekane nokubongwa okunje ngaphambilini,” kuchaza yena.

“Ngemuva kokuthi siqede endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations… 

Nokufinyelela esigabeni somkhumulajezi okokuqala (kwiNdebe yoMhlaba, abantu babengibonga yonke indawo.”

Nokho, uBroos uthi impilo yokuthatha umhlalaphansi ingase imkhathaze.

“Manje anginazinkinga, azikho izingcingo. Ngiyavuka ngibone ukuthi usuku luza nani,” kuqhuba uBroos.

“Okwamanje lokho kulungile. Ngiyazazi. Ezinyangeni ezimbalwa, lesi simo sizoba yinkinga.

“Akukhona ukuthi ngifuna ukubuyela ekuqeqesheni. Leso sahluko sesivaliwe ngokuphelele, noma ngubani ongishayela ucingo.”

U-Hugo Broos uveze nokuthi okwenza kube nzima kuye ukushiya wukuthi kwakusho ukuphela komsebenzi kwabathile abesebenza nabo ethimbeni lakhe.