EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso uchaza ngesinqumo sokudlalisa uMothiba

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usechaze ukuthi kungani ekhethe ukuqala ngoLebo Mothiba phambili emdlalweni neGolden Arrows kwiMTN8.

UMothiba uqale emdlalweni lapho iSundowns ihlulwe khona ngo 1-0 yi-Arrows emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owmanqamu eLucas Moripe Stadium ngeSonto.

ISundowns ingenelwe yigoli likaSede Junior Dion esiwombeni sokuqala.

UMothiba uthole ithuba elihle lokunika iSundowns igoli lokuqala. Kodwa wehlulekile ukulisebenzisa esebhekene nonozinti kuphela.

UCardoso umkhiphile ngesikhathi sekhefu, kwangena uBrayan Leon.

UMothiba ubengakabi negalelo elibonakalayo kwiSundowns kusukela ejoyine leli qembu ngoMashi 2025.

Echaza ngesinqumo sakhe, uCardoso uthe ubefuna ukukhombisa ukumethemba uMothiba.

“Njengomqeqeshi, ngizama ukwenza konke okusemandleni ami kubadlali. 

“Ithimba labaqeqeshi lisebenza kanzima ukukhombisa ukholo kubadlali,” kusho yena.

U-Miguel Cardoso uthe uyazama ukweseka u-Lebo Mothiba ngesikhathi ethola lelo thuba lokushaya igoli.

“Nibonile ukuthi ngimeseke kanjani ngesikhathi ethola ithuba legoli, kodwa bekungeyena yedwa. 

“Baningi abadlali abathole amathuba kulo mdlalo,” kuqhuba lo mqeqeshi.

UCardoso ukhumbule nesikhathi uLucas Ribeiro ayedonsa kanzima khona ekushayeni amagoli.

“Ngiyakhumbula ngonyaka odlule noma eminyakeni emibili edlule ngesikhathi uLucas Ribeiro ebhekene nesomiso samamagoli. 

“Nina bezindaba benihlale nibuza ukuthi kungani engawashayi amagoli. 

“Mina ngangithi ngelinye ilanga amagoli azofika, kwagcina kwenzekile,” kuchaza yena.

Uthe uMothiba akakaze abe ngumdlali oqalayo.

“Noma kunjalo, uLebo akakaze abe yinketho yokuqala esikhundleni sokuhlasela. 

“UBrayan noRayners yibona abebeyizinketho zokuqala.”

U-Miguel Cardoso uthe ukungadlali njalo kuka-Lebo Mothiba kwenza kube nzima ukuthi athole umgqigqo wakhe.

“Kujwayelekile ukuthi uma umdlali engadlali njalo, kube nzima ukuthi abambe umgqigqo ngokushesha.

“ULebo ukhombise isimilo. Ube nemidlalo emihle uma sizilolong futhi washaya amagoli. Ngakho usinike wonke amandla akhe.”