
UVilakazi nesicelo kubalandeli bePirates ngoPedersen
Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uBenedict “Tso” Vilakazi, usekhiphe isicelo esibheke kubalandeli baleli qembu ngomgadli omusha uSebastian Pedersen.
UPedersen ujoyine iPirates esuka eqenjini laseNorway iSogndal ngenyanga edlule.
Lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala ubeshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-14 ngaphambi kokuthuthela eNingizimu Afrika.
UPedersen uthole ithuba lakhe lokuqala kwiPirates ngesikhathi engena esiwombeni sesibili ibhekene neSekhukhune United kwiMTN8 ngoMgqibelo.
Udlale imizuzu engu-25 njengoba iPirates inqoba ngo 1-0 emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu.
UTso Vilakazi uthi usevele uzibonile izimpawu ezinhle endleleni adlala ngayo u-Sebastian Pedersen.
“Unokuthinta ibhola okuhle. Ungumdlali okwazi ukubona ozakwabo bese ezama ukubadlulisela ibhola,” kusho uVilakazi kwi-iDiski TV.
Nokho, uthi akumele uPedersen ahlulelwe ngokushesha, wanxenxa abalandeli ukuthi babe nesineke.
“Ngicabanga ukuthi kumele simnike isikhathi. Isikhathi esifanayo nesasinika u-Evidence Makgopa, uBoitumelo Radiopane noYanela Mbuthuma.
“Uma simnika isikhathi, sizobona ukuthi yini ayiphethe asuka nayo eNorway,” kusho uVilakazi.
Uthi ukushintshela ebholeni laseNingizimu Afrika akulula neze.
“Akulula lapha. Kumele aqonde ozakwabo, aqonde ijubane nokuqina kwale ligi, aqonde ukuthi sidlala kanjani njengeqembu nokuthi umqeqeshi ufuna enze miphi iminyakazo.”
UVilakazi ukholwa ukuthi ukusebenza nabanye abadlali nethimba labaqeqeshi kuzomsiza ukuthi azinze.
“Kumele enze umsebenzi nethimba labaqeqeshi kanye nozakwabo ukuze bakwazi ukumqonda,” kuchaza yena.
UTso Vilakazi uphinde waveza enye into athi uyithandile ngo-Sebastian Pedersen eyenzeke emdlalaweni wakhe wokuqala.
“Ngibonile ukuthi unombono omuhle ngoba kwesinye isikhathi lokho yinto abagadli abangenayo,” kuchaza uTso.
- FUNDA NALA | UCardoso uchaza eyokuqalisa uMothiba
UPedersen manje uzobe ebheke ukuqhubeka nokuthuthuka njengoba ejwayela iPirates nebhola laseNingizimu Afrika.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
