
BUKA: OweKaizer Chiefs osikaze umlandeli ngolabhabha
Seyiqubule izinkulumo-mpikiswano ividiyo eshicilelwe kwi-X ekhombisa omunye wabadlali beKaizer Chiefs esikaza umlandeli ngolabhabha wempama.
Lesi sehlakalo esishaqisayo kuthiwa senzeke ngemuva komdlalo weNedbank Cup wangoLwesithathu ebusuku eDHL Stadium eKapa.
Kulo mdlalo iKaizer Chiefs ihlulwe ngo 2-1 yiStellenbosch FC okuqede amaphupho okuvikela lesi sicoco esinqobe ngesizini edlule.
Kule viviyo eshicilelwe ngu-@Constitution_94, kuvela unozinti uBrando Petersen ebungaza abalandeli ngemuva komdlalo.
Kube sekuba khona oqhamuka esemthelwa ngokubukeka kungamanzi, kwabe useyisusile.
UPetersen ube eseshiya laba abekubo waqonda kuye, wabonakala ukuthi uyakhuluma naye noma kungazwakali uthini kodwa kubukeka ngathi uyamthuka.
Ube esevula isandla ekhombisa ukuthi ufuna ukumqhumisa ngempama, kodwa wabe esebuya ezibamba wamyeka.
Akucaci ke ukuthi iphelelephi lento yabo. U-@Constitution_94 uyiphelezele ngombhalo egxeka abalandeli beChiefs ngokwenza lento kunozinti obenza kahle yonke isizini.
“Abalandeli beKaizer Chiefs sebeqala ukuba yingozi kubadlali babo,” kubhala yena.
“Zolo lokhu bebesola abe-Orlando Pirates ngokuhhahhameza uTsepang Moremi noYanela Mbuthuma.
“Kodwa akuzange kufike ezingeni lokubhabhadisa abadlali ngamanzi. UBrandon Petersen ubenza kahle kakhulu kuze kube manje.”
FUNDA NALA | Okune okuhlaluke ngeChiefs ishaywa yiStellies
Bephendula kule video, abanye bamesekile, abanye bamlahla, bathi akuyena umlandeli weChiefs owenze lento.
Kukhona nabathe uPetersen uziqhathe yena ngokuya kubalandeli kwazise bebecasukile ngomphumela. Buka ividiyo ngezansi:
