EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

‘Iphutha’ elifiswa owe-Orlando Pirates kwiKaizer Chiefs kwidabhi

Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi selidalule isifiso elinaso ngendlela iKaizer Chiefs ezodlala ngayo ngeSonto.

Lezi ziqhwaga zebhola laseNingizimu Afrika zihlangana emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama. 

Futhi ngokukaNcikazi uma iKaizer Chiefs ingeza kulo mdlalo inofuqufuqu lokuziphindiselela, kungabe igcagcele esokeni kwi-Orlando Pirates.

Ngaphambi komdlalo, umfutho ukwiPirates ezitamuzelayo emagolini muva nje.

Ngaphezu kwalokho, inqobe umdlalo womlenze wokuqala ngo 3-0 ngoFebhuwari. 

Amagoli kaTshepang Moremi, Oswin Appollis no-Evidence Makgopa yiwo aqeda ngaMakhosi ezinyangeni ezimbili ezedlule.

“Uma beza nengqondo yokuziphindiselela, lokho kuzosisebenzela kangcono thina,” kusho uNcikazi ngoLwesibili. 

“Eqenjini lethu, silungiselela zonke izimo futhi nanoma yiyiphi indlela abeza ngayo, sizobe siyilungele.”

Njengamanje iPirates yiyo ehlezi esicongweni la ishiya khona Mamelodi Sundowns ngamaphuzu amabili. 

Nokho aMasandawana – adlala ngoLwesithathu neStellenbosch – asangabuyela esicongweni ngaphambi komdlalo wangeSonto. 

Khonamanjalo, iKaizer Chiefs isendaweni yesithathu, kanti ilandela i-Orlando Pirates ngamaphuzu angu-12.

Ngaphandle kwedabhi, uNcikazi uphinde waphawula nangeqhaza lakhe eqenjini.

Ugcizelela ukuzibophezela nothando lwakhe ekuthuthukiseni abadlali ikakhulukazi abasebancane.

“Ngilapha njengomsebenzi, ngiyakujabulela ukusebenza kule klabhu,” kuqhuba yena.

“Kuyangijabulisa ukubona abadlali abancane bethuthuka, bethatha amathuba abo, futhi bekhula phambi kwamehlo ami.”