EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ubhoboka ngokumkhathaza ngoWandile Duba

Lo mgadli ube yiqhawe emidllaweni yakamuva, kakhulukazi ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.

U-Wandile Duba nguye obuyisele iChiefs emdllaweni kade seyilandela ngemuva ngo-1-0 kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eLoftus Stadium ngeSonto.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala usebenzise iphutha elenziwe umdlali wasemuva weSundowns, ekhombisa ubuhlakani nokushesha okumangalisayo. 

U-Ashley Du Preez ube eseshaya elesibili elenze iChiefs yanqoba ngo 2-1 ukuze ingene kowamanqamu okokuqala eminyakeni eyisithupha.

U-Wandile Duba, osanda kubuya ekulimaleni edolweni, usenamagoli ayisithupha emidlalweni engu-21 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.

Nguye njengamanje ohamba phambili ngamagoli kwiChiefs, ehlula abagadli abathenjiwe nabanamava oDu Preez noRanga Chivaviro.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi uncome ikhono likaWandile Duba kodwa waphawula into eyodwa ebalulekile emkhathazayo ngaye.

“Uma sikhuluma ngoDuba, unakho konke okufanele ngokwekhono,” kusho uNabi. “Kodwa usashoda ngokokukhula ngokwengqondo. 

“Abadlali abasebancane baba nenkinga ngokwengqondo uma sebeqale ukudlala njalo, ikakhulukazi ngengcindezi efakwa abalandeli beKaizer Chiefs.”

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi ikilabhu yenza konke okufanele ukusiza lo mgadli osemncane ukuthi akhule ngokomqondo.

“Kusukela ngesizini edlule kuze kube manje, usethuthuke kakhulu. Uma eqhubeka nokuthuthuka, yini engasivimba ukuthi simenze umgadli wethu ophambili ngesizini ezayo?,” kuqhuba uNabi.

UDuba useshaye igoli emidlalweni emibili ilandelana, njengoba kunguye owadabula inethi bebambana ngo 1-1 neTS Galaxy emdlalweni weligi.

Indlela adlale ngayo inika abalandeli beChiefs ithemba ngokuthi bazoba neqhawe elisha maduze nje elizoqeda indlala yamagoli.

IChiefs isizobhekana nezimbangi ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kodwa ngaphambi kwalokho, la maqembu azohlangana emdlalweni wePremiership ngoMeyi 3 eFNB Stadium. 

Womabili anemidlalo eyehlukene ebalulekile ngaphambi kwalokho, okumele abhekane nayo.