EzintshaKaizer Chiefs

Ingabe yashiphelana noNabi eNaturena? UKaze uyaphendula

U-Cedric Kaze, osanda kudedelwa yiKaizer Chiefs usekhulume ngobudlelwane bakhe nowayengumphathi wakhe befika eNaturena, u-Nasreddine Nabi.

UKaze nozakwabo uKhalil Ben Youssef bafike eNaturena beyingxenye yethimba elizolekelelea uNabi.

Basebenze kahle ndawonye ngesizini yokuqala, bahola Amakhosi enqoba iNedbank Cup, okuqede iminyaka engu-10 yesomiso sendebe eNaturena.

Nokho kukholakala ukuthi kune nokushuba kwesimo ngemuva kokuthi uNabi engabanga khona kuqala le sizini esongwayo manje.  

U-Cedric Kaze noBen Youssef babamba izintambo ngesikhathi u-Nasreddine engekho. 

IChiefs iqale ngendlela encomekayo ngaleso sikhathi, kodwa imiphumela yashintsha sekubuye uNabi.

Lesi simo sigcine senze ukuthi uNabi akhonjwe afika ngayo, kwathi uKaze noBen Youssef bafakwa esikhundleni sakhe kuze kuphele isizini.

Lesi sinyathelo sasuza amahlebezi okuthi laba bobabili bamkhaphela uNabi.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, iChiefs ihlukane ngokusemthethweni noKaze noBen Youssef.

“Esimweni esinjalo. lapho kususwa umqeqeshi oyinhloko, kuhlale kunezinto ezenzekayo. 

“Ikakhulukazi uma umsebenzi unikwa amaphini,” kusho uKaze kwiMarawa Sports Worldwide.

“Futhi isikhathi esiningi abantu bacabanga ukuthi kukhona okuthile okwenzekile.

“Leyo kuba yindlela ubudlelwano obuba muncu ngayo.”

Lo mqeqeshi waseBurundi uvumile ukuthi yena noNabi abakaze bakhulume selokhu ashiya kwiChiefs.

“Kuyishwa kwenzeka kanjena. Mina noNabi besizwana kakhulu. Kodwa asikaze sikhulume selokhu ahamba,” kuqhuba uKaze.

“Kodwa ungumuntu engingamshayela noma nini, futhi nginesiqiniseko sokuthi naye engangishayela ucingo noma nini.

“Kodwa asikaze sikhulume selokhu ahamba. Akazange asho lutho ngokukhashelwa.”

U-Cedric Kaze uuveze nokuthi bavalelisana kahle nje ngosuku lokugcina luka-Nasreddine Nabi kwiChiefs.

“Ngisho nangosuku lwakhe lokugcina ekilabhini, sasindawonye futhi savalelisana kahle nje, kwakungekho nzondo.”

Kusanda kuvela nokho ukuthi uNabi usafuna ukuphinse asebenze nawo lamaphini akhe. 

Kuvele ukuthi unezicelo eziningi azimisile ngoba efuna ukubona kwenzakalani ngabo kwiChiefs.

Kuthiwa ufuna ukuya nabo eqenjini lakhe elilandelayo ukuze baqhubeke nokusebenzisana.