
Umtalabho kaPule usubheke kuJomo Sono noDoctor Khumalo…
UJabu ‘uPule’ Mahlangu – osesematheni kulezi zinsuku – usephinde wadedela isitswebhu, kulokhu esithela kwizinkakha zakuleli uJomo Sono noDoctor Khumalo.
Le nsizwa eyazakhela igama kwiKaizer Chiefs isesematheni kulandela ukudedela isibhaxu somlomo kuBennedict “Tso” Vilakazi kubangwa ukuhlaziya kwabo.
Abanye bamsolile uPule ngakukhulume ngoVilakazi, bethi ukhulume kwaze kwadlulela, wagcina engasagxeki akushilo kodwa esehlasela yena siqu.
Nokho sekuthe kungakapheli sikhathi esitheni ededele le vidiyo la ebhaxabula khona uVilakazi, sekuvele enye la ebhaxabula khona uDoctor Khumalo noJomo Sono.
Usole lezi zinkakha ngokungasetshenziswa kwezinombolo zejezi ezaziwasebenzisa kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
KwiChiefs ayisetshenziswa inombolo 15 njengoba kwahlonishwa ngayo uKhumalo owaqala waze waqeda ukudlala ibhola elikhokhelayo kuyo.
KwiPirates ngunombolo 10 ongasetshenziswa njengoba kwahlonishwa ngawo uSono owayegila izimanga esadlala kuyo kudala.
Zikhona nezinye izinombolo okwahlonishwa ngazo abadlali abashona njengonombolo 13 kaClifford Moleko nonombolo 22 owawugqokwa uLesley Manyathela.
“Isizukulwane soBra J noMdokies? Kungani kanti lezi zinombolo zingasetshenziswa,” kusho uPule kwi-podcast yakhe.
“Unombolo 11 okaTeenage (Dladla), unombolo 12 oka-Ace Ntsoelengoe ongasekho. Cabanga uma zonke lezi zinkakha zingathi azifuni kusetshenziswe izinombolo zazo.
“Sidlale ngani ke thina? Sisebenzise izinhlamvu? Sisebenzise o-A,B,C… Lento yalabantu abadala kumele iphele manje.
“Isizathu ingabe wukuthi kwiPirates uBra J wasuka emshadweni wayoshaya amagoli amabili noma amathathu ukuwiisa iqembu?
“Phela lokho kwenzeka. UMdokies yingoba udlalele iChiefs kuphela – okuyinto ayenza kahle kakhulu. Bobabili empeleni.
“Ungangizwa kabi, benza kahle kakhulu futhi yingakho sikhule sibukela kubo,” kuchaza uPule.
Uqhube wathi kuzomele bayeke umhobholo ngalezi zinombolo bese bezidedelela abanye abadlali ngoba ngeke baphinde babe khona abadlali abayofana nabo nse.
“Le banqwahe nezinombolo ayiyinhle. Okusho bona bafuna kuze kube khona umdlali ofana nabo nse kube yima kusebenza lelo jezi?
“Lento yokuyeka ukusebenzisa amajezi ayisisebenzeli. Ngingaqonda uma kuhlonishwa umdlali oshonile njengoLesley Manyathela noClifford Moleko kwiPirates.”
FUNDA NALA | Usekhonjwa kwiSekhukhune ogajwe yiChiefs
Le nkulumo yakhe akungabazeki ukuthi nayo izophinde isuse izinkulumo njengoba kuvele kunabadlali abalandeli abangathanda ukubabona besebenzisa lezi zinombolo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
