Ezintsha

Enye ingwijikhwebu kweyokudayiswa kwe-Royal AM

I-Sars kubikwa ukuthi babuye bajika isinqumo ngokunikeza uRoy Moodley le kilabhu ngenxa yokukhathazeka ngomlando wakhe wezemali.

UMoodley ufake isicelo esiphezulu njengoba ngesikhathi iSars ifake le kilabhu endalini ngenhloso yokuqoqa imali elinganiselwa ku-R40 million ewukweletwa uShauwn Mkhize.

UShauwn Mkhize nguye obengumnikazi we-Royal AM futhi iqanjwe ngegama lendodana yakhe u-Andile Mpisane. 

Nokho, umdayisi wale kilabhu uJaco Venter uthole izinkinga ezimenze wabona uMoodley engafanelekile ukunikezwa yona.

Umbiko weDaily Maverick wango-2023 wamatanisa uMoodley nenkampani yakhe, iRoyal Security, nezinsolo zezinhlelo zokuthumba umbuso ngesikhathi sobumengameli bukaJacob Zuma. 

Ngesikhathi ebuzwa ngalesi simo, uVenter uthe uhlelo lokudayiswa lusaqhubeka wanxusa ukuthi kube nesineke.

 “Uma sekuphothuliwee, sizothumela umbiko kwabezindaba. Yiba nesineke kancane,” kusho uVenter etshela iSowetan ngoLwesine. 

“Angazi ukuthi abezindaba balutholaphi ulwazi lwabo (lokuthi nguMoodley othenge le kilabhu).”

Ukuhoxiswa kukaMoodley kungavumela abanye abebefake izicelo, abafana noDavid Skosana, ukuthi baphinde bangenelele umjaho. 

Phambilini uSkosana ubehola inkampani ebibeke u-R15 million kodwa yakhala ngaphansi.

Khonamanjalo, imenenja ye-Royal AM, uRichards Makhoba, uyiphikile imibiko yokuthi iqembu seliyekile ukuzilolonga. 

“Asikaze siyeke ukuzilolonga, besidlala imidlalo yobungani kusukela ngesikhathi sigcina ukukhuluma nami. 

“Le nto yokuthi siqale ukuziqeqesha ngoba nakhu sekukhona umthengi omusha, iwumbhedo. 

“Ayikho into efana naleyo la,” ucashunwe esho kanje uMakhoba kwiSowetan.

Njengoba sekusele amasonto ayisikhombisa kuphela isizini isongwe, leli qembu kunenselelo enzima kwiPSL ngaleli qembu. 

Selivele lisele emuva ngemidlali engu-12 kwiligi kanti kuzodinga ukuthi lidlale okungenani imidlalo emithathu ngesonto ukuze liqedele imidlalo esele ngaphambi kokusongwa kweligi ngoMeyi 24.