
UKanu Vilakazi uchaza ‘ngenkinga eyenza aphoxe’ Usuthu
Obengumqeqeshi waMaZulu FC uVusumuzi Vilakazi usephumele obala okokuqala wachaza ngokwenze ashiye isigubhukane kuleli qembu.
UVusumuzi Vilakazi umemezele ukusula kwakhe esikhundleni sakhe kungazelele muntu ngoFebhuwari ngesikhathi iqembu lenza kahle.
Nokho uVusumuzi Vilakazi engazange azidalule izizathu eziqondile zokushiya kwakhe, kodwa uvumile ukuthi unomuzwa wokuthi uphoxe kakhulu kule kilabhu.
Lo mqeqeshi, owaziwa ngelika‘Kanu’, uqokwe no-Arthur Zwane ngemuva kokuhamba kukaFranco Pablo Martin.
Kodwa-ke, ukuhamba kwakhe kungazelelwe ngenxa yezizathu ezingadalulwanga eziqondene naye ngqo, kushiye uZwane eyedwa kulo msebenzi.
Engxoxweni abe nayo emsakazweni iMetro FM kuleli sonto, uVilakazi uchaze ukuthi ukushiya kwakubalulekile ukuze abhekane nezinselelo zakhe.
“Kwesinye isikhathi senza sengathi singakwazi ukubhekana nezimo ezithile.
“Kodwa kukhona ochwepheshe abafana nodokotela nochwepheshe bokusebenza kwengqondo abaqeqeshelwe izinto ezinjalo.
“Bengidinga ukufuna usizo lochwepheshe, futhi umengameli weqembu wangeseka kulesi sinqumo,” kusho uVusumuzi Vilakazi.
Uphinde wazwakalisa ukubonga ngokuqhubeka nokwesekwa uZungu, nakuba enomuzwa wokuthi wephula ukwethenjwa abenakho kuye.
“Uma kukhona umuntu engidinga ukuxolisa kuye, ngumengameli uZungu,” kwengeza uKanu.
“Wanginika ithuba elikhulu, futhi ngizizwa ngimphoxe kakhulu.
“Ngakhuluma naye ngaxolisa, futhi namanje usangeseka, nokuyinto engiyazisayo kakhulu.”
Ukuhamba kukaVilakazi akuzange kuthuse abalandeli baMaZulu nje kuphela kodwa uthi naye wayengakulindele.
UVusumuzi Vilakazi okwamanje uthi ugxile ekulandeleni izinhlelo ezihlelekile zokubhekana nezinselelo zakhe.
Akazidalulanga lezi zinselelo kodwa kwavela ngesikhathi eshiya ukuthi yisimo esingesihle nesasingafaka yena neqemb kwelibi ihlazo uma siphumela emphakathini.
