
UMotaung Jr. ucacisa eyokusayinwa kukaMorris ‘ongenagama’
Abaphathi beKaizer Chiefs, ikakhulukazi uKaizer Motaung Junior bake bazithola becwaningwa futhi bagxekwa ngesonto eledlule.
Lokhu bekungemuva kokuba izindaba zokusayinwa kukaTashreeq Morris ziphumele obala.
IChiefs isayinise uMorris weSuperSport United ngemali engadalulwanga kanye nomdlali.
UChristian Saile usejoyine iSuperSport United ngokubolekiswa kuze kuphele isizini njengengxenye yesivumelwano.
IChiefs ibimataniswa nabadlali abambalwa abanegama elikhulu ngaphambi kokuthi ikhethe uMorris.
Phakathi kwabo bekukhona u-Oswin Appolis wePolokwane City noFiston Mayele wePyramids FC yase-Egypt.
UMorris akanalo igama elikhulu futhi irekhodi lakhe lokushaya amagoli lishiya imibuzo eminingi ngaye.
Okunye okwenze ukusayinwa kwakhe kwabatshazwa wukuthi ubetholakala mahhala kwaze kwaba ngu-Okthoba nyakenye njengoba ebengenalo iqembu.
Nokuthi kungani iChiefs imkhumbule ngoba nakhu esesayine kwiSuperSport futhi sekubiza imali ukumthola kuyaxaka.
Kodwa uMotaung Junior usedalule ukuthi uMorris uhlonzwe ngumqeqeshi uNasreddine Nabi nethimba lakhe.
“Sithanda ukwamukela uTashreeq emndenini waMakhosi,” kusho uMotaung Junior emukela uMorris eNaturaena ngoMsombuluko.
“Futhi sibheke ngabomvu amagalelo akhe emidlalweni ezayo.
“Ungumgadli onamava ofike ngezincomo ezinhle zomqeqeshi uNabi nethimba lakhe asebenza nalo ngemuva kokumhlola kwabo.
“Simfisela konke okuhle uma esegqoke imibala yethu yodumo osagolide nomnyama.”
UMorris angase adlale okokuqala kwiSoweto Derby yodumo eFNB Stadium ngoMgqibelo.
