DStv PremiershipEzintsha

Nabi: Ngeke sisuke ku-10 sinqobe izindebe

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi iqembu lakhe lifake wonke umdlandla ekuziqeqesheni ngaphambi kwesizini entsha yeBetway Premiership.

Isizini enstha yethulwe izolo ngoLwesibili eSandton, ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Lisegazini. Forver’.

Abaxhasi besaphezu kwezinhlelo zokwethula indebe entsha futhi abakayimemezeli imali yemiklomelo ezowinwa kule sizini.

Imidlalo yeBetway Premiership izoqala ngokusemthethweni ngoSepthemba 14.

IChiefs izobhekana noMarumo Gallants eFree State Stadium, eBloemfontein.

“Sinemidlalo yobungani yokubheka abadlali, futhi silungiselela kanzima ukuze silungele umdlalo wethu wokuqala weligi,” kusho lo mqeqeshi omusha weChiefs.

Amakhosi awakawudlali umdlalo osemthethweni kule sizini, njengoba enganenanga kwiMTN8.

IChiefs isilethe abadlali abaningi abasha kanti abanye ababili bamenyezelwe ngawo uLwesibili. 

Iqinisekise ukufika komdlali wasemuva uBradley Cross ophuma kwiGolden Arrows, noNjabulo Blom obolekwe kwiSt Louis City SC edlala kwiUS Major League Soccer. 

“Sisathungatha abanye abadlali ezindaweni ezahlukene,” kusho uNabi.

Lokhu bekungaphambi kokuba iChiefs imemezele uBlom noCross.

“Ukuya phambili sizothola abadlali abaningi ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi.”

UNabi yena usaqhubeka nokucela isineke kubalandeli beChiefs, njengoba ebheke ukwakha iqembu elizoqhudelana.

“Ngifuna ukukhuluma iqiniso nabalandeli,” kusho lo mqeqeshi odabuka eTunisia.

“Ngokwami ​​kuyadingeka ukuthi ngiqale ngakhe iqembu eliqinile. 

“Akwenzeki ukuthi uqede endaweni yeshumi (ngesizini edlule) bese ufuna ukukhuluma manje ngokuwina izinkomishi noma ukunqoba iligi. 

“Angifuni ukusho ukuthi abalandeli bafuna ukuzwa ini, ngingumuntu okhuluma iqiniso, ngiyayihlonipha ikilabhu nabalandeli.

“Ngidinga ukwakha iqembu eliqinile, igxathu negxathu.

“Ngizonikeza amaphesenti angu-200 … ngiyazi ukuthi iyiphi indlela engiyithathayo … angiyesabi ingcindezi. 

“Ngiphila ngengcindezi, ngiyayithanda inselelo. Kodwa kuzoba kancane kancane. 

“Asikho isiphetho manje, sidinga isikhathi.”