Lithanda ukuba yinselelo iqoqo leBafana kwi-Afcon
IBafana Bafana isiyazazi izimbangi ezoqala nazo isigaba samaqoqo kwi-Africa Cup of Nations ka-2025.
Ukuqhathwa kwamaqembu azogadulisana kulo mqhudelwano bekungoMsombuluko ebusuku eMohammed V National Theatre eRabat, eMorocco.
IConfederation of African Football (Caf) ifake amaqembu angu-24 emaqoqweni ayisithupha kwamane.
IBafana, ibingene kuPot 2 ngenxa yokukleliswa kwayo kweFifa kwakamuva, kanti iqhathwe kuGroup B. Izobhekana ne-Egypt, i-Angola neZimbabwe.
Lo mqhudelwano uqala ngoDisemba 21, lapho osokhaya iMorocco beyobhekena neComoros emdlalweni wokuvula.
Uzoqhubeka kuze kube umhla uJanuwari 18 ka-2026, lapho kudlalwa khona owamanqamu futhi okunethemba lokuthi iBafana iyobe ikhona.
Amaqembu amabili aphezulu eqoqweni ngalinye, kanye namaqembu amane aphume isithathu, azodlulela emzuliswaneni womkhumulajezi.
IBafana ibhekene neqoqo eliyinselelo, ikakhulukazi kwi-Egypt, engelinye lamaqembu aphezulu ezwenikazi.
I-Angola neZimbabwe nabo bazozibheka ekutheni baziveze ngeBafana.
Aqhathwe kanje amaqoqo esewonke:
- Iqoqo A: Morocco, Mali, Zambia, Comoros
- Iqoqo B: Egypt, South Africa, Angola, Zimbabwe
- Iqoqo C: Nigeria, Tunisia, Uganda, Tanzania
- Iqoqo D: Senegal, DR Congo, Benin, Botswana
- Iqoqo E: Algeria, Burkina Faso, Equatorial Guinea, Sudan
- Iqoqo F: Ivory Coast, Cameroon, Gabon, Mozambique