ABC Motsepe LeagueEzintsha

Owaduma kwiBucs neDowns uvuke kwele-ABC Motsepe League

Umdlali wasemuva uSiyabonga Zulu usejoyine iqembu le-ABC Motsepe League eMpumalanga, iPhezulu FC. 

Lo mdlali owake wadlalela i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kunconywe amava akhe kuleli qembu elifuna ukuvelela kule sizini. 

UZulu ubedlala kwiNB La Masia kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. 

Nokho akahlalanga isikhathi eside kuleli qembu nkengoba lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule. 

Yize edlale isikhashana, uZulu wenze into encomekayo njengoba edlale imidlalo engu-11 kwiligi.

Ngaphambi kweLa Masia, uZulu wahlala amasizini amathathu kwiMamelodi Sundowns, wanqoba izicoco ezimbili zeligi. 

Yize engazange asithole isikhathi esiningi sokudlala kodwa ukuba khona kwakhe kube nomthelela empumelelweni yeqembu. 

Usayinwe engxenyeni yesibili yesizini ka-2017/18 ehambisana nababadlali abaqaviile okungoGaston Sirino noJeremy Brockie.

UZulu uqale ibhola lakhe elikhokhelayo kwi-Orlando Pirates, lapho ebeyingxenye yeqembu elanqoba iNedbank Cup ngo-2010/11. 

Uphinde wanqoba iMTN8 ngesizini elandelayo.

IPhezulu FC iphinde yaqinisa isikwati sayo ngokusayinisa uRoggert Nyundu ongumgadli owake wagijima kuMaZulu neBlack Leopards. 

UNyundu ujoyine iPhezulu ngemuva kokusiza iKruger United ukuthi ikhuphukele kwiMotsepe Foundation Championship. 

IPhezulu FC ibizame nangokuqinisa ethimbeni labaqeqeshi ngowayedlala kwiBafana Bafana uKagisho Dikdacoi. 

Kodwa uhlale izinsuku ezimbili kuphela ngaphambi kokuthi iqembu lakhe lakhudala, iGolden Arrows imnikeza umsebenzi wokuqeqesha eqenjini labo leBetway Premiership. 

Manje usezoqeqesha noMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu eqenjini lokuqala le-Arrows.