
UMokwana nokwenze agabhe iChiefs, Downs, aqome i-Esperance
- Sibongiseni Gumbi
Useveze isizathu esenza wagabha amaqembu amabili amakhulu akuleli u-Elias Mokwana osanda kusayina kwi-Esperance yaseTunisia.
UMokwana ubengomunye wabadlali okubhekwe ngabomvu ukuthi bazophelelaphi njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Lokhu bekungenxa yokwenza kahle kwakjhe kwiSekhukhune United ngesizini edlule, eba ngomunye wabadlali abagqamile kwiPSL.
Kuke kwanemibiko ethi uyenqaba ukuya eTunisia ngoba elinde iqembu akhule elithanda, iKaizer Chiefs ukuthi liphinde libuye lizomfuna.
Phela iChiefs kuthiwa yachithwa kweyafika nakho okokuqala izokubeka etafuleni ngalo mdlali osedlala nakwiBafana Bafana.
Nokho lo mdlali uthi ayikho eyokuthi ubefuna ukuya kwelinye lamaqembu akuleli, kodwa ubevele efuna ‘ukukhula’ ngokuyodlala ngaphandle.
“Bekukhona amaqembu abengifuna njengeSundowns neChiefs,” kusho lo mdlali kwabakamabonakude i-Esperance TV.
“Kodwa ngokwami, bengifuna ukusuka ekhaya ukuze ngithole ukuzibonakalisa kahle.
“Engiqonde ukukusho wukuthi, sonke siyazi lapha e-Afrika ukuthi i-Esperance ngelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni.
“Ngakho bengifuna ukuza lapha, ngizizwele ngokwami. Ngingumqobi ngingumdlali othanda ukugudla ngolayini.
OLUNYE UDABA: UMngqithi ugudle uMokwena ‘ngokuthanda ukubukwa’
“Ngithanda ukudlula ezitobheni bese ngakhela abagadli amathuba nami ngishaye amagoli ambalwa ngokwami.”
