EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela abebefunwa uNabi kwiChiefs esikhundleni sabePirates

Kodwa lokhu sekuqubule imibuzo ngokuthi ubani ngampela othatha izinqumo zokuthengwa kwabadlali kwiKaizer Chiefs.

Umuntu ongaphakathi kuleli qembu laseNaturaena usetshele iSoccer Laduma ukuthi intshisekelo kulaba badlali ababili kungenzeka ukuthi ayiveli kumqeqeshi uNasreddine Nabi. 

Esikhundleni salokho, kubonakala sengathi ngabaphathi bekilabhu nomnyango ohlonza abadlali okuyibo abalande laba badlali ababili.

“Kukholakala ukuthi umqeqeshi ubengenayo intshisekelo kulabo badlali ababili,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ngokusobala, ubenohlu lwakhe, okukhona kulo uLwandile Mabuya weRichards Bay noLungelo Bhengu weCape Town Spurs.

“Bekukhona noMhleli Mabuza obehlolwa yileli qembu ngoMeyi,” kuqhuba umthombo. 

“Emuva kwesokunxele, bekukhona phambili uFawaaz Basadien weStellenbosch noMohamed Hussein weSimba SC yaseTanzania.”

Nokho kuyacaca ukuthi abaphathi beChiefs bona babe sebephushela ukuthi kuthathwe uMonyane noMako.

Laba badlali ababili basanda kukhululwa yiPirates ngemuva kweminyaka bekuyo.

UMonyane udlala emuva kwesokudla, kanti uMako udlala emuva kwesokunxele. 

Kodwa bobabili abadlalanga kakhulu kwiPirates kule sizini ngenxa yokulimala. 

Omunye ongaphakathi kwiChiefs kuthiwa uveze ukuthi uhambo oluzayo lwekilabhu oluya eNetherlands lungaba umzuzu obalulekile eqenjini. 

“Uhambo oluya eHolland yilo oluzocacisa ukuthi yibaphi abadlali basemuva abasayiniwe. 

“Indaba yama-Visa abadlali abahambayo izoqala ukucaca kusukela ngoMsombuluko.

“Futhi iningi labadlali lifikile eNaturena Village ngoLwesihlanu,” kusho umthombo.

Lokhu kwehlukana okungaba khona phakathi kwethimba labaqeqeshi nabaphathi ngabadlai abasayinwayo kugqamisa inkambiso ejwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika.

Kuvamile ukuthi izikhulu zeqembu kube yizo ezithatha izinqumo zokugcina mayelana nokusayina abadlali.

Ezikhathini eziningi lezi zinqumo ziyangqubuzana nezababaqeqeshi.

Kodwa uma labo badlali behluleka ukwenza kahle, basize iqembu, kuba ngabaqeqeshi abasolwayo, futhi kungatshazwe umsebenzi wabo.

Khona kunjalo ke, ukuthi uMonyane noMako bazoba yini ngabadlali abamqoka eqenjini – noma basayinelwe ukuveza ukuthi ubani onamandla ekilabhimi – kusazobonakala.