
Kuyakhula ukungenami ngoJose Riveiro kwi-Al Ahly
Njengoba i-Al Ahly seyisalelwe umdlalo owodwa kwiFifa Club World Cup, wonke amehlo azobe ethe njo kumqeqeshi omusha uJose Riveiro.
I-Al Ahly isemsileni kuGroup A ngephuzu elilodwa kuphela emidlalweni yayo emibili yokuqala, kanti iminwe isivele iqalile ukukhomba kuJose Riveiro.
Yonke into ayenzayo isiyacutshungulisiswa, okuhlanganisa ngisho ukuzithulela kwakhe ebhentshini.
Ingwazi ye-Al Ahly uSayed Mohamed Hafeez usebuze ukuthi kungani uJose Riveiro ehlala ethule noma izinto zingahambi ngendlela yakhe.
Kodwa lesi yisimo esifanayo esimenze wasekwa ngokugcwele abadlali nabalandeli eqenjini lakhe lakudala i-Orlando Pirates eNingizimu Afrika.
Kepha ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni wokuqala bebhekene ne-Inter Miami, nokuhlulwa ngo 2-0 yiPalmeiras, ingcindezi inyukile.
“Angimboni uRiveiro eba nomnyakazo phakathi nemidlalo — uthule kakhulu,” uHafeez ucashunwe esho kanje kwabezindaba e-Egypt.
“Ubenezinsuku ezingu-50 zokufunda kahle i-Al Ahly nabadlali bayo, okungesona isikhathi esifushane.
“Abalandeli bebenethemba, kodwa indlela iqembu elidlale ngayo kuze kube manje iyadumaza.”
Owayengumqeqeshi weTunisia uNabil Maaloul yena ukhale ngesinqumo sabaphathi sokufaka lo mqeqeshi waseSpain eqenjini ngaphambi kweClub World Cup.
Uphakamise ukuthi bekumele badedele u-Emad El-Nahhas obeyibamba lomqeqeshi ukuthi ube nguye oya kulo mqhudelwano.
“Ngifisa sengathi u-Emad El-Nahhas nguye obehole iqembu kwiClub World Cup esikhundleni sikaRiveiro.
“Lo mqeqeshi waseSpain bekufanele angene ngemuva kwalo mqhudelwano — akazi lutho nge-Al Ahly noma abadlali bayo.”
URiveiro nokho usekelwa kakhulu yibhodi lekilabhu, eliholwa nguMahmoud El Khatib.
Ubuholi be-Al Ahly bume noJose Riveiro okwamanje, futhi nakhu okuzokwenzeka:
- Ikilabhu ikholwa ukuthi uJose Riveiro usasohlelweni lokuqonda kahle iqembu lakhe.
- Ikusasa likaRiveiro ngeke lihlulelwe ngokusekelwe emiphumeleni yeClub World Cup.
- Kuhlelelwe umhlangano wangemva komqhudelwano ukuze kudingidwe abadlali okungase kuqiniswe ngabo iqembu.
