EzintshaOrlando Pirates

Owe-Orbit uncoma abambolekwe yiPirates obasendeze kweloju 

USiyabulela Mabele ubolekiswe yi-Orlando Pirates kwi-Orbit College kanti ushaye igoli elihle futhi elibalulekile.

Leli goli lilaMabele libeka leli qembu laseNorth West ethubeni elihle lokunyukela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

UMabele, oneminyaka engu-22 ubudala, udlale kahle futhi yigoli lakhe elisize i-Orbit ihlule iCasric Stars ngo 1-0 emdlalweni wokuhlunga.

Lo mdlalo, obushisa futhi wethanyelwe yizinkumbi zabalandeli, bewuseSolomon Mahlangu Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Ukuwina kunyusele i-Orbit College eqhulwini kwilogi yale midlalo yokuhlunga iqembu elizothatha indawo ka-16 kwiligi enkulu yePSL ngesizini ezayo.

Manje leli qembu selishoda ngokuthi linqobe umdlalo owodwa bese kuba yilo elithatha le ndawo ebangwayo. 

Kuzomele iphinde inqobe uma seyibhekene neCape Town City emdlalweni wangoLwesithathu ozoba se-Olympia Park Stadium eRustenburg.

“UMabele uthole ithuba elikhulu phambilini waligeja, kodwa besazi ukuthi uzogcina elishayile igoli,” kusho uMakhoye ngemuva komdlalo. 

“Ube ngumdlali ovelele kuleli qembu lethu yonke le sizini,” kuqhuba lo mqeqeshi.

Lo mdlali osemncane useshaye amagoli angu-11 emidlalweni engu-30 kule sizini futhi usaqhubeka nokuba ngumdlali osekhaleni lempi ye-Orbit yokungena kwiPremiership. 

UMakhoye uvumile ukuthi iqembu lakhe alizange lidlale ibhola lalo elilijwayele, kodwa ujabule ngomphumela. 

“Besingekho lapha ukuzodlala ibhola elihle ngenxa yezimo ezingezinhle zenkundla,” kusho yena. 

“Kule midlalo yokuhlunga asikahlulwa. Namuhla silikhahlele kanye ipali, yathola igoli elibalulekile.”

I-Orbit ayikahlulwa kule midlalo kanti manje isidinga ukunqoba umdlalo wayo wokugcina isekhaya ukuze iqinisekise indawo yayo kwiBetway Premiership.

“Kufanele sihlale sizolile futhi sigxilile. Lokhu kunqoba bekukukhulu, kodwa umsebenzi awwukapheli,” kwengeza uMakhoye. 

“Sizobavumela abadlali ukuthi bajabulele lokhu kunqoba ngoba okokuqala ngqa sihlula iCasric.

“Kodwa ke sizosheshe sidlule kulokho bese sigxila kwiCape Town City.”

I-Orbit kuzomele izibambe ziqine ngampela emdlalweni wayo olandelayo ngoba iCity iyazi yithuba layo lokugcina lokugwema ukudliwa yizembe.