
Sisolwa ngokuxova isikhulu esixoshwe yiSekhukhune
ISekhukhune United ihlukene nesinye sezikhulu zayo uFloyd Mbele eyayimthathe kade esule kwi-Orlando Pirates.
UMbele ujoyine iSekhukhune ngo-Ephreli ka-2023, ngemuva kancane nje kokuba esule emsebenzini wakhe kwiPirates.
Nokho kuthiwa uxoshwe ngenxa yokushayisana kwemibono phakathi kwakhe nabaqeqeshi nabasebenzi obekwenza behlale beklwebhana.
Imithombo itshele iFARPost ukuthi uMbele bekunzima ukusebenza naye, okube sekudala ukukhathazeka ngenhlalakahle yabasebenzi beqembu.
“UFloyd Mbele uxoshiwe kwiSekhukhune ngemuva kokuxabana nabaphathi abaphezulu beqembu,” kusho umthombo.
“Esinye sezizathu ezibalulekile zokuxoshwa kwakhe yindlela abesebenzisana nayo nabaqeqeshi nabanye abasebenzi beqembu.
“Iqembu linqume ukuhlukana naye ukuze kuqinisekiswe inhlalakahle yawo wonke umuntu oseqenjini.
“Bekungelula ukusebenza naye. Eqinisweni nje, sekunesikhashana exoshiwe.”
Ukuxoshwa kukaMbele kuphinde kuhambisane nokudayiswa kuka-Elias Mokwana kwi-Esperance yaseTunisia okusanezinkinga.
ISekhukhune ikweletwa u-R7.5 million eyadayisa ngawo lo mdlali.
Udaba yalufaka kwiFifa esiyalele i-Esperance ukuthi ikhokhe le mali zingakapheli izinsuku ezingu-45 kusukela ngoDisemba 16, ka-2024.
Phambilini uMbele wasolwa ngokuvimba iKaizer Chiefs ukuthi isayine uMokwana, okwacasula kakhulu abalandeli baMakhosi.
Ngokuhamba kwesikhathi uMbele wahamba noMokwana baya eTunisia lapho agcina esayina khona, okwaqubula eminye imibuzo ngaye.
