EzintshaOrlando Pirates

OweChippa uphawula ngoSinoxolo Kwayiba okhonjwa kwiBucs

USinoxolo Kwayiba kunamahlebezi okuthi sekuseduze aqedele isivumelwano sokujoyina i-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala ubengumdlali ovelele kwiChilli Boys kule sizini. 

UKwayiba usehlohle amagoli ayisikhombisa futhi wakhela ozakwabo elilodwa emidlalweni engu-23 yeBetway Premiership kuze kube manje. 

Umgqigqo wakhe omuhle umenze wathola imiklomelo eminingi yoMdlali oVelele nokubizwa okokuqala kwiBafana Bafana.

Kunemibiko eveza ukuthi iChippa United ne-Orlando Pirates sebevumelene ngokudayiselana ngalo mdlali.

Ekhuluma kwiGame On yeRadio 2000 kuleli sonto, uMzinzi uncome ukuzinikela nokusebenza kukaKwayiba.

“Ngicabanga ukuthi sizolahlekelwa umdlali oyedwa, ababili noma abathathu abakhulu kule sizini. 

“La makilabhu amakhulu aseqalile ukuhlebela abadlali bethu okuthile,” kusho uMzinzi.

“Uma eseqalile ebahlebela, ebathembisa abathembisa khona, uzothola ukuthi ingqondo yomdlali ayisekho ePort Elizabeth.” 

UMzinzi nokho uthe iChippa ayimi endleleni yomdlali uma ethola ithuba elingcono kwelinye iqembu. 

Uphakamise ukuthi akuyena uKwayiba kuphela osehehe amehlo amanye amaqembu, kodwa nabanye abadlali. 

“Sivulelekile ekuvuleleni abadlali amathuba. Siyaziqhenya ngoKwayiba, siyaziqhenya ngoStanley Nwabali nalokho laba badlali asebekuzuzile. 

“Uma uKwayiba ethola ithuba elingcono kwenye indawo asinankinga, ungumfana ozinikele. 

“Useqalile ukuthenga izakhiwo nezinye izinto ukuzithuthukisa nokubekela ikusasa. 

“Ungumfana olungile futho ofanelwe yikho konke okuhle azokuzuza.”

Uma kwenzeka eya kwiPirates, uSinoxolo Kwayiba uzofica inqwaba yabadlali abasezingeni kuleli qembu laseSoweto. 

Kodwa uMzinzi ukholwa ukuthi uKwayiba usekhule ngokwanele, futhi wenze okwanele ukuncintisana nabadlali abaphambili ezweni.

“Isikhathi sifanele, futhi ngicabanga ukuthi ukwazile ukumelana nenselelo yokuba nabadlali abaningi abanga nabo indawo, abasefomini enhle. 

“Kodwa uqhubekile wenza kahle waze wangena ezinhlelweni zabaqeqeshi beBafana Bafana. 

“Wenze kahle kakhulu. Siyaziqhenya ngaye,” kuqhuba uMzinzi.

“Kumele manje akhuthaze abanye ontanga yakhe nezingane akhule nazo. 

“Kodwa okwamanje, ungumdlali weChippa United futhi angisho ukuthi kukhona la eya khona.”