EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uncoma uSirino oshaye ingcwenga ‘exhuga’

UGaston Sirino uphinde waba yiqhawe leKaizer Chiefs, ekhombisa ukuthi leli qembu alenzanga iphutha kokumthatha ngemuva kokulaxazwa yiMamelodi Sundowns. 

Uqokwe njengomdlali ovelele emdlalweni la iKaizer Chiefs ibhubhudle khona iSuperSport United ngo 4-0, iyibhulisa amazolo kwiCarling Knockout. 

Emidlalweni emine ayidlale kwiChiefs, uSirino usenamagoli amabili kanti ube nesandla kwamanye amathathu ashaywe wozakwabo. 

USirino uwudlale engaluleme ngokugcwele lo mdlalo wangoMgqibelo, kanti umqeqeshi, uNasreddine Nabi uncome ukuzikhandla kwakhe, nomthelela anawo eqenjini.

“Kuliqiniso ukuthi uSirino usisize kakhulu kulo mdlalo, futhi siyambonga ngalokho,” kusho uNabi ngemuva komdlalo. 

“Kodwa namuhla, ubengekho ezingeni lakhe ngoba ubuya ekulimaleni. Akazange azicije ngokufanele ezinsukwini ezandulela umdlalo.

“Kodwa ukhombisile ukuthi ungubani, ukhombisile ukuthi ungumdlali okwaziyo ukwenza izinto zenzeke.”

USirino akazange awuqede umdlalo. Kodwa uNabi ubevele eshilo ngaphambi komdlalo ukuthi ngeke akwazi ukuwudlala wonke.

Bekuyisinqumo esinqala kuNabi ukuthi uyamqalisa, noma umsebenzisa esuka ebhentshini kulo mdlalo obubukeka uzoba nzima. Umqalisile.

“Yingakho simshintshile. Yingoba besazi kahle ukuthi akekho esimweni esifanele,” kuqhuba uNabi.

“Engingakuthembisa wukuthi uma uSirino esebuyele esimweni sakhe esifanele, uzobona okungcono kakhulu kuye.

“Esikubongayo ngokuba naye eqenjini wukuthi abadlali abasebancane bazofunda lukhulu kuye.” 

Kufanele ukuthi uSirino uzophunyuzwa emdlalweni olandelayo weChiefs ukuze alulame ngokuhelele. 

Amakhosi azophinde abhekane neSuperSport emdlalweni weBetway Premiership ozoba sePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama.