EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs izohlawulisa abadlali ngokubhacaza? 

Abaphathi beqembu nethimba labaqeqeshi kuthiwa abajabule ngesimo sengqondo nokuzikhandla kwabadlali.

Imithombo esondelene neqembu iveze ukuthi sekuthathwe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe kubadlali abebekulo mdlalo. 

I-Soccer Laduma ibika ukuthi abadlali kulindeleke ukuthi babhekane nokuhlawuliswa imali ezodonswa emiholweni yabo.

Kuthiwa lokhu kwenzelwa ukubabonisa ukuthi ukungazinikeli kwabo nokuzibophezeli emdlalweni yisimo esithathwa ngokuthi sibucayi ngabaphathi.

“Akukhona nje ukuthi yingoba bahluliwe, kodwa yindlela iqembu elihlulwe ngayo. 

“Yingakho abaphathi benqume ukuhlawulisa abadlali,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Imvamisa, kuba khona ibhonasi ngisho ngabe badlale ngokulingana, kodwa kulokhu izodonswa kubo imali.”

Akukhona okokuqala Amakhosi esebenzisa izinhlawulo njengesijeziso kubadlali. 

Ezimweni ezedlule, ikilabhu ikholwa ukuthi kuyisizile ukubuyisela ukuzinikela kubadlali.

Lezi zimali ezizobanjwa kubikwa ukuthi zizonikelwa enhlanganweni esiza abantulayo. 

Ngokusho komthombo wesibili ongaphakathi kwi-Kaizer Chiefs, abadlali yibo abazoziqokela ukuthi iyiphi inhlangano ezothola le mali.

“Kuyindlela yokubagcina bekhuthazekile isizini yonke,” kwengeza lomthombo. 

“Abafuni impinda yangesizini edlule lapho iChiefs iqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.”

Ikilabhu yethemba ukuthi lokhu kuzothuthukisa ukuzibophezela kwabadlali ngaphambi kwale midlalo emibili emikhulu ezayo.

IKaizer Chiefs izobhekana ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo emdlalweni weligi, bese iphinda nayo nakowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10.

Njengamanje iKaizer Chiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-25. 

IChippa United, esendaweni yesishiyagalombili, ingenhla kwayo ngenxa yomehluko wamagoli futhi isenemidlalo emibili esandleni.

Ingcindezi iphezu kokuthi iChiefs ithuthukise imiphumela futhi ikwazi ukuthola indawo kwiMTN8 ngesizini ezayo.

Kodwa namanje umbuzo usasele, ngabe lesi sinyathelo ssokuhlawulisa abadlali sizovuselela usinga kubo?